• Tidak ada hasil yang ditemukan

1.4 UKUCWASWA NOKUKHISHWA INYUMBAZANE KWABANEMIZWA YOBULILI

1.4.3 EZIKHUNGWENI ZEZENKOLO 14

Amabandla ezenkolo awahambisani nabaphila impilo yokuthandana nobulili obufana nobabo. Akholelwa ekutheni umuntu onjalo usuke ehlaselwe amadimoni kasathane okudinga ukuthi athandazelwe ukuze aphunyuke kulawo madimoni.

Lokhu kufakazelwa nangamazwi endoda ethile eyazibiza ngomthandazi eyayikhuluma oKhozini ohlelweni lwasekuseni (2012). Le ndoda yayihlekisa ngomunye usaziwayo owaphumela obala waziveza kuthi uzizwa sengathi unemizwa yokuthanda abantu abanobulili obufana nobakhe. Le ndoda yaveza ukuthi yona ingamthandazela ukuze iphele leyo mizwa aphindele empilweni yakhe ejwayelekile.

Indlela akhuluma ngayo lo mthandazi kwaba sengathi uma umuntu esethandazelwe akabe esalangazelela ukuthandana nobulili obufana nobakhe.

Amabandla ezenkolo akholelwa ekutheni uNkulunkulu wadala indoda nomuntu wesifazane. Laba bantu ubulili babo abufani, okusho ukuthi labo abathandana

15

nobulili obufana nobabo baphikisana nendalo kaNkulunkulu. Bayavumelana ngokuthi umuntu osuke enza leli chilo kufanele athole isijeziso. Nendaba kaLoti eBhayibhelini iyakufakazela lokhu okushiwo ngamabandla ezenkolo. Ize ikufanise neGomora neSodoma (Gen. Isahluko-19 ivesi-13). Kule ndaba yaseBhayibhelini kuvezwa abantwana bakaLoti besilisa bethandana nabanye besilisi lesi senzo sabo saze sacasula ngisho uNkulunkulu nakhu phela esethumela inceku yakhe yesilisa ukuthi iyoxwayisa uLoti ngesenzo samadodana akhe esibi asenzayo kanti bazosibona isithunywa sikaNkulunkulu base bethi kuyise uLoti akabanikezo sona lesi sithunywa ukuze balale naso. ULoti wala waphetha ukukwenza lokho kwathi lapho bebona ukuthi uyabavimbela bafuna ukungena ngenkani endliini lapho kwakulele khona le nceku kaNkulunkulu. UNkulunkulu ngokubona ukuthi kanti abakhuzeki wase esebhubhisa sonke isizwe sikaLoti kwasala yena kuphela.

Kuyavela ukuthi amazwe anjengo-Yemen, Iran, Mauritani, Afghanistan, Northern Nigeria, Sudan kanye neSaudi Arabia ngaphansi kwenkolo yama-Islamic, abanemizwa yobulili obufanayo babebulawa (Abbas, 2003). Kuyatholakala ukuthi emazweni anjengo-Bahrain, Qatar, Algeria, kanye ne- Uzebekistain abanemizwa yobulili obufanayo babejeziswa ngokuthi beshaywe noma baboshwe. I-Iran ithathwa njengezwe elabulala abantu abaningi abanemizwa yobuliliobufanayo.

Lokhu kwakudalwa ukuthi inkolo yabo yayingakuvumeli ukuthi umuntu abathandane nobulili obufana nobakhe. UKhomein (2005) uveza ukuthi uhulumeni wayebavumela kuphela uma umuntu ezoguqula ubulili bakhe.

Uhulumeni wase-Iran waze wahlongoza ukuthi abafisa ukushintsha ubulili babo kuzofanele ukuthi bexhaswe nguhulumeni. Akubanga yibo bonke-ke abantu abahambisana nalesi siphakamiso.

Kuye kube nzima emabandleni uma uzothola ukuthi umfundisi ophethe lelo bandla unemizwa yokuthanda ubulili obufana nobakhe, ngoba phela umfundisi ulindeleke ukuba enze ngenkambiso yeBhayibheli okuyincwadi amakholwa enkolo yobuKristu alawulwa yiyo. Uma esenza okuphambene neBhayibheli ibandla liye limthathe njengomuntu ongawufanele usebenzi wokuba ngumfundisi. Abanye abefundisi baye baxolele ukufela phakathi bangaphumeli obala ngoba besaba ukuthi bazomiswa emabandleni ababo. Abanye baze baxolele ngisho ukuvula ibandla elizoba nabantu abathandana bebe benobulili obufanayo ukuze phela bekhululeke (Khanyile, 2012). Lokhu kusuke kudalwa ingcindezi ababhekene nayo yokungamukeleki emabandleni abawaphethe. Lokhu okungenhla kufakazelwa nangumfundi wephephandaba iLanga uKhanyile umhleli welanga owamcaphuna ephawula kanjena. Usitshela ngoMfundisi wesifazane obeshada nomunye owesifazane. Ukhanyile ubeka kanjena kusicaphuno:

16

Nicabanga ukuthi uma izwe lonakele kanjena, kungayinto enhle ukuthi sibubule kuJehova? Konakele Zulu! Ngisuswa udaba oluthinta umshado kaMfu Zenzi Zungu noNksz Magatsheni Ndlovu. Kangazi noma lokhu kubizwa ngamalungelo yingoba kanti sivuma yini ukuthi kulungile konke.

Kangazi futhi vele ukuthi uma abefundisi bedayisa ngeqiniso kanje kuzomiswa kanjani. Ngibuka nje ukuthi uma abantu benza okuphambene nendalo noNkulunkulu bamane bavike ngokuthi mabangahlulelwa. Into enjengaleyo kayikho. Ukukhuza nokuhlulela kuyizinto ezimbili ezihlukene. Nokubizeka kwawo la magama nokubhalwa kwawo kakufani. Kuwukukhuza ukuthi abantu mabahlale ezwini likaNkulunkulu. Ukuhlulela usuke sewukhiphe nesijeziso emva kokwenza kabi mhlawumbe esihamba nesishwabulo kumuntu owenza okuphambene. Funda uMattew 24 wonke kodwa uthi ukuqinisa kuvesi 34, hleze kube khona inhlansana yokukhanya elokozayo. Sonke sonile futhi sisilele inkazimulo kodwa makungathukwa uJehova kuthiwei- Ark of Joy ihamba ngezinkambiso zenkolo yobuKristu. Leli yibandla nje elizama ukusingatha abantu abangaqondile.

(Khanyile, 2012, p.4).

Amanye amabandla amakhulu aphumele eshashalazini akhombisa ukuyigxeka imishado yabathandana bebe benobulili obufanayo. Bakubeka ngembaba ukuthi leyo mishado ayibusisiwe. Abeka athi ayolwa kuze kube sekugcineni ukungavumeli le mishado ukuthi yenzeke emabandleni awo. La mabandla ezenkolo akholelwa ekutheni okwenziwa abanemizwa yobulili obufanayo kuphambene neBhayibheli incwadi eNgcwele, abakwenzayo baqhutshwa yizinkanuko zasemhlabeni, baze bavumelane ngokuthi uma uNkulunkulu wayehambisana nakho wayengeke abhubhise izingane zikaLoti. Lokhu kufakazelwa nayisicaphuno embikweni weLanga iphephandaba lapho kwaphawula khona uCardina Justin Rigal, lapho ethi:

Man shall not condemn evil or rationalize sin. Homosextuality is an abomination in the eyes of God and man! The Creator condemns those who do not repent of this sin.

(Khanyile, 2012, p.4)

Babuye baveze ukuthi bayahambisana nokuthi abantu abanemizwa yobulili obufanayo bawathole amalungelo atholwa yiwo wonke umuntu ophilayo kodwa hhayi awokushadana. Babuye baveze ukuthi ukukhula ngesivinini semishado yanemizwa efanayo ubuye kudalwe ezombusazwe. Bayavumelana ngokuthi ukuhlushwa kwabantu abanemizwa yobulili obufanayo ukuthi akwemukelekile.

Babuye baveze ukuthi uma kukhona lawo mabandla ezenkolo asethe abavumela, mawaqikelele ukuthi laba bantu abangasiselwa izingane. Banenkolelo yokuthi

17

alukho usikompilo oluyofundwa yilezi zingane kulaba bazali (Chamber, 2008).

Lokhu okushiwo ngenhla kufakazelwa nanguFata Federico Lombardi ongumkhulumeli omkhulu webandla lamaKhatholika i-Vatican City nongumqondisi kamabonakude nomsakazo kuyo le ndawo yaseVetican City lapho ethi:

Kusobala ukuthi emazweni seNtshonalanga sekunokujwayela ukuqukula umbono wezinga elemukelekile lomshado ophakathi kowesilisa nowesifazane noma-ke ukuzama ukuwuyeka nje kwakhona, kuqedwe nethuba lokwamukeleka kwawo emthehweni nxa uqhqthaniswa nezinye izinhlobo zomshado. Umshado wabantu ababili ophakathi kowesilisa nowesifazane uyinto efezwe yimpucuko. Uthi ibandla lingukuphela kwesimiso esikwazi ukusho ukuthi ukuhlukunyezwa kwabantu abanemizwa yobulili obufanayo kuyinto engenabo ubulungiswa, ukuphikisa umshado ophakathi kwabantu bobulili obufanayo kuwumbono ofanele ukuhlonishwa.Lokhu kukhula kokwemukelwa kwemishado yobulili obufanayo kungumcabango oweseka inqubo ezifunela ukwemukeleka ngokombusazwe ohlasele wonke amasiko emhlabeni muva nje. Ibandla lamaKhathalika lithi kufanele aqinisekiswe amalungelo abantu abanemizwa yobulili obufanayo, kodwa imishado yabo kakufanele ukuba yemukelwe njengelinganayo neyabantu bobulili obufanayo. Lithi labo bobulili obufanayo abashadanayo, akufanele basiselwe izinga (Dlamini, 2012, p.8).

Phela kufanele kukhumbuleke ukuthi leso naleso sizwe sinosikompilo lwaso esifisayo ukuthi lolo sikompilo lungashabalali kepha ligcineke esizweni ukuze isizukulwane esiyolandela naso silazi. Lokhu kuchaza ukuthi uma ngabe kungaba khona abantu abenza ukuthi usiko lwaleso sizwe lushabalale, kuyosho ukuthi kuzodaleka inzondo phakathi kwalabo ababonwa yimiphakathi njengabantu abenza usiko lushabalale. Lapha imiphakathi ibona sengathi abanemizwa yobulili obufanayo bazokwenza ukuthi usiko lushabalale yingakho kubonakala kunokungqubuzana phakathi kwabo nemiphakathi.