ISAHLUK02
2.2 IMVUMELWANO-SIQALO
•
•
Lona ngumbuzo esingasho ukuthi kawudinge mpendulo ngoba imbongi inokumangala futhi ingathi iyasola ukuthi akwenziwa lutho ukulungisa lesi simo. Kungakho sithola imvumelwano-siqalo iphindwa futhi emigqeni elandelayo lapho imbongi ithi:
Iyezwakala yini le ngcwenga Esingumdlalo wabantwana Esingenampepho yobuzwe.
(Mhlanga. 1991 :40).
Le mvumelwano isekela impindamqondo esetshenziswe kule migqa emibili ngokulandelana kwayo. Yomibili le migqa iyagcizelela ukuthi le ngcwenga kayisewona umdlalo kuphela kepha kayisenaso nesithunzi sokuhlonipheka kwesizwe. Kuyatuseka uma imvumelwano isetshenziswe ngendlela kube kunesidingo futhi sokukwenza lokho. Kunabacwaningi abagxekayo lapho kusetshenziswa imvumelwano ephoqelelwe esiZulwini kepha kunabanye abanombono owehlukile ngalokhu.
UNtuli. (1984:204) uthi:
We subscribe to the view that an artist cannot be limited in the devices he wants to employ. A poet is free to borrow or emulate patterns which are used by other artists in other cultures. Why should there be an objection when a poet wants to decorate his piece with similar endings.
•
izinhlamvu zawo ekuqaleni kwemigqa.
Ezinkondlweni ezikumaqoqo ehlukene ezinkondlo zikaMhlanga sizobheka ukuthi imvumelwano noma ngabe eyaluphi uhlobo uyisebenzise kanjani.
EnkondJweni ethi: Unisa kwaNgcebonkuJu-Kusindwe-NgobethoJe kunale migqa:
Izimboko zigqul'ukujula
Zilobikel'ubhaqa Iwenkanyamba, Zihlom'izint'ekhanda,
Zithwal'isicoco
Zihlabanel'umhlabathi!
(Mhlanga, 1997:12).
Sizophawula ukuthi kunezakhi ezibhalwe ngamagama agqamile zaphinde zadwetshelwa ngaphansi. Yiyona mvumelwano-siqalo lena. Le mvumelwano u-zi- yiyona eletha ukuvumelana ngokwemifanekiso-mqondo echaza abantu abaqhubeka nemfundo bethungatha amadlelo aluhlaza.
Iziqu zalezi zenzo ezisetshenziswe kule migqa emine ngokulandelana
• kwayo zehlukile kepha kufana izinhlamvu ezisekuqaleni kwemigqa.
Imvumelwano-siqalo esetshenziswe kula magama ngokulandelana kwawo igqamisa isenzo esikhomba amandla okwenza into. Indlela yamandla egcizelela okuhlosiwe.
Ngendlela umqondo wala magama uhleleke ngayo kubakhona ukuthuthuka komqondo, kudaleke uvuthondaba oluveza umdlandla wokulabalabela ukuyofunda khona kwa-Unisa.
Yonke le migqa ngokulandelana kwayo iqala ngesakhi u-zi- okuyisiqalo esisebuningini esigcizelela ubuningi babantu abalangazelela ukuyofunda khona kwa-Unisa.
Emgqeni wesibili imvumelwano siqaphelisa ubunzulu bomfanekiso-mqondo wezinti ezihlonywe ekhanda. Empeleni izingwazi zazihloma amadlokolo enziwe ngezimpaphe zenqe noma ubuthekwane besakabuli bese kuthi ebuzini kube yizinsiba zegwalagwala. Kwakuhlotshwa ngazo noma kungumqhele wamaqhawe njengalo ibutho uGcinalishone.
Kulesi sigaba esingenhla senkondlo izimpaphe sithola zingumfaneki- mqondo omuhle njengoba sivezelwa izinti ezihlonywe ekhanda. Ngamanye amagama kungumfanekiso onohlonze futhi onobunzulu kakhulu ongachaza ukuhloma ngezikhali zemfundo.
Ekugcineni kusempumelelweni lapho umuntu esethwele isicoco sokuhlabana, iziqu zemfundo ephakeme. Emlandweni kuyavela ukuthi isicoco sasithwalwa yizingwazi esezaluhlabanela uHlanga lomhlabathi.
Kwakuyibutho lamakhehla ithemba lenkosi. Kwakuye kuthi lapho isibambene enkundleni kwangced'omhlophe nxa sekubonakala ukuthi eyasekhaya isiyalugoba uphondo, izitha seziyimi ngenhla, liphisele ngakolunye uhlangothi, kuchitheke uphoko.
Ngendlela izimvumelwano lezi ezisetshenziswe ngayo ZISlza ukusigqamisela umfanekiso-mqondo, zigcizelela ukuphelela komqondo nokugqamisa indikimba yenkondlo.
Enkondlweni Inkombandlela Yamathwasa-Izibonkolo kunale migqa yemvumelwano eqalisa ngongwaqa njengakule migqa:
Wafunz'uMntakaMphephethwa washiya phansi, Washiya ngob'esedingeka phambili,
Wadabul'amahlathi wawel'imifula,
Waqombol'amaqele wewus'amawathanga, Wezwakala'esebhonsa kwaGqikazi.
(Mhlanga, 1993:51).
Kusachazwa yona imisebenzi yeqhawe lezemfundo kulesi sigaba esingenhla. Nakhona lapha kusagqame ukusetshenziswa kwesenzo ngezindlela ezahlukene ezichaza jzjmo ezahlukene zokulabalabe/a ukuthuthukisa isizwe zibe zigcizelela umqondo wokuzinikela.
Kunovuthondaba oludalekayo. OkaMphephethwa wafundisa esikoleni samabanga aphekeme koXolani njengokuchaza kwemigqa kepha walabalabela ukwedlulela phambili, eyohlomisa ngezikhali zokwazi kwezinye izindawo ezimdingayo.
Emgqeni wokugcina kugcinwa ngomfanekiso-mqondo wenkomazi esibhonsa ngoba isishiswa ukugwansa. Ukugwansa lokhu kungachaza ulwazi Iwensizwa efisa ukulusengela emathungeni esizwe okungachaza abafundi.
Le mvumelwano isiza ekugqamiseni ubuhle bemisebenzi kaVilakazi owayezinikele ekusebenzeleni ISlzwe. Ukuphindaphindwa kwemvumelwano kuqoqa umqondo owodwa wenhloso kanti nomgqumo wesigqi uhlaba umxhwele ngendlela ohamba ngayo.
Enkondlweni: Izingwazi Zomhlabathi-Kusindwe Ngobethole, imvumelwanasiqalo ivezwe kanje:
Ukukhandleka kobuchopho benu osebuthelile, Ukucokama kwenu sekuvumile
(Mhlanga, 1997:50).
Esikuphawulayo kule nkondlo imbongi ikhethe imvumelwano-siqalo eqala ngesakhi uku-. Lokhu kugcizelela umbono wokuthi imvumelwano esisebenzise ilunga lonke ikhombisa ukuphelela komqondo nokudala umgqumo omnandi emgqeni wenkondlo.
Lapha umuntu uqala ngokukhandleka ngenxa yokufisa ukuthekelisa ngolwazi oseluphuphuma ebuchosheni ukuze kufezeke isifiso esithile kanti noma esesempumelelweni akahlalisekile, ucokeme, okungachaza ukungeneliseki ngalokho anakho, usafisa ukwengeza ngokuthi afunde aye phambili kepha abe eqhubeka ukuthekelisa isizwe ngolwazi analo.
Enkondlweni ethi: Ihlabazulu-Inkondlo Yamangamu kunale migqa:
Ubukhulu bale mbiza buyasabeka,
Ubuphekwa ugovuzwa yizinyanga zogqozi.
(Mhlanga, 1991 :32).
Naso lesi sibonelo sisagqamisa khona ukusetshenziswa kwemvumelwano.
Lona okukhulunywa ngaye kule migqa kuqhakambiswa ubukhulu nokubaluleka kwakhe emphakathini. Imbongi itusa ugqozi insizwa lena yakwaMdluli enalo ize ilufanise nokudla okuphekwa yizingqwele.
Singesho-ke ukuthi kunephethini elithile kumvumelwano-siqalo, akufani nasemvumelwaneni-sigcino lapho esinokulichaza iphethini elisetshenziswe
yimbongi ukugqamisa umqondo othile. Luvamile-ke lolu hlobo Iwemvumelwano ezinkondlweni eziningi zakhe uMhlanga.
Enkondlweni ethi: Ungiphicelani-Inkondlo Yamangamu kunale migqa:
Ungimukulise ngamagagas'olwandle, Ungiqhwakelis'emawen'amhlophe.
(Mhlanga, 1991 :53).
Yimvumelwano esekela ukusetshenziswa kwempindamqondo kule migqa.
Kuhlaba umxhwele ukusetshenziswa kwemigqa emqondofana ukuze kugqame umqondo othile. Umuntu owaziyo amagagasi olwandle ikakhulu lapho amaza eludlambedlu, uyawazi umfutho wawo nabatshuzi basolwandle kufanele babenobuchwepheshe obuthile bokukwazi ukuhlamba maphakathi nolwandle olumadlambidlambi.
Lapha imbongi isebenzisa igama lokumukula kepha ngokubekezela nokubambelela kwalowo ofuna ukuphumelela uyakumela lokhu kushaywa ngenhlanekela. Lokhu kungasho ukuhlukumezwa izingqinamba zempilo umuntu ebhekana nazo emhlabeni kepha ngokubekezela nokuzinikela, Iowa muntu ugcina ngakho ukuwanqoba lawo madIambi obunzima.
Emgqeni wesibili kusempumelelweni. Imbongi igcina isiqhwakele phezu kwaso isiqongo samadlambi okukhombisa ukuzimisela kwayo ukuya empumelelweni noma ukubhekana mahlanze nezimo ezithile empilweni.
Uzophawula emgqeni wesibili ukuthi kusaphindwe wona umqondo ongenhla, imbongi isinikeza umqondofana. Amagagasi asebizwa ngamawa amhlophe.
Enkondlweni ethi: Inkombandlela Yamathwasa-Izibonkolo kunalolu hlobo Iwemvumelwano:
yju walutapa koShongwe,
Umpe walunwampela koSidlamafa.
(Mhlanga, 1997:51).
Lapha sithola imvumelwano engunkamisa u-kuphela. Lolu hlobo Iwemvumelwano lusetshenziswe eziqwini zamabizo angolungalinye. Le mvumelwano ithi khaxa kulezi ziqu ezingofanamqondo. fmbongi isebenzise igama elinomqondo owodwa uju kanye nompe.
•
Kuyalenyusa izinga le nkondlo raphe sithola imbongi ingasebenzisi igama elilodwa okungaze kudaleke isicefe kepha ubuciko bokukwazi ukusebenzisa ofanamqondo.Le migqa yomibili isichazela ukuthi umfo kaMphephethwa Iona wafunda kuziphi izikhungo zemfundo njengoba kuvela ukuthi wafunda koShongwe naseSidlamafa okuyizikole zamazinga aphezulu kwelaseMpumalanga.
• Enkondlweni ethi: Igwalagwala IikaMenzi-lzibonkolo, uMhlanga uyasisebenzisa futhi lesi sivumelwano sikankamisa. Lapha-ke sesixhunywe kuziqu ezingolungambili zalo ibizo njengoba sizwa ethi:
Indlovu kaMalandela;
Inyath'empondo zimakhenkenene Zingaxephule kuluvava,
Imbub'ekhulel'ehlathini Ngob,abamehl'enobovu Bath'ingumabonw'abulawe.
(Mhlanga 1993:50).
Kuyona le mvumelwano sithola kusetshenziswe u-i-emagameni ezilwane
asesigabeni 9 ezaziwayo ngolaka nangokwesabeka kwazo. Yimifanekiso- mqondo esiyithola ezibongweni zamakhosi uma kuchazwa ukwesabeka nesithunzi kanye nokuhlonipheka kwawo esizweni.
Emlandweni kuyavela ukuthi inkosi uCetshwayo ngempi yaseNdondakusuka yayibhekene noMbuyazi nabanye abafowabo kungekho abangasohlangothini Iwakhe njengoba nasezibongweni zakhe kuvela kuthiwa:
Ikhab'elimile lodwa ngaseNhlungwane, Amany'amakhab'emil'izixexelegu ..
Kuyabonakala ukuthi izibongo zibamba iqhaza elikhulu ezinkondlweni zikaMhlanga. Akungabazeki ukuthi wazifunda lezi zibongo wase eqhamuka neyakhe imigqa enomqondo ofanayo naleyo evezwa ezibongweni zoMdabu kepha wasebenzisa awakhe amagama ukuchaza lesi simo inkosi uCetshwayo eyayibhekene naso.