• Tidak ada hasil yang ditemukan

Imvunulo yeNhlalisuthi

Dalam dokumen JOYCE KHANYISIWE MNQAYI 2010 (Halaman 44-59)

UBarba, (1983:61) uthi:

The days of public dancing, which are integral parts of festival draw hundreds of spectators and increasingly Tourists to eBuhleni.

Ngezinsuku zemigidi yomphakathi okuyiyona iyaye ibe umongo womcimbi kufika izinkumbi zabantu, lokhu okwenza lo mcimbi ulethe izivakashi eziza ngobuningi bazo eBuhleni.

Yiwo-ke lona umqhele iNhlalisuthi ewufaka ekhanda uma isina. Umqhele bayawufaka noma beya eSabatheni. Abagcini ngokuviliyela ngawo emgidini nje kuphela. Wenziwa ngesikhumba sengwe noma sendlazi noma sensimba noma seklolodo nezinye izinyamazane njengempala nje. Isikhumba sisikwa sibe ibhande elizungeza ikhanda kuthi ngemuva uchakazwe uthi yephuyephu (Nxumalo noNyembezi, 1966:2).

3.2.2 Idlokolo

Idlokolo lakhiwe ngesisila sesakabuli. Isakabuli inyoni ehamba nezintaka, lona kuthathwa isakabuli lesilisa ngoba linesisila eside bese kuchuthwa izimpaphe zalo zenze idlokolo. Idlokolo futhi liyenziwa ngezimpaphe zentshe. Umehluko okhona phakathi kwesakabuli lesilisa nelesifazane ukuthi elesilisa linombala ojiyile ojonqile kanti elesifazane lona umbala walo uphaphathekile futhi lona alinaso isisila eside (Mthethwa, 2007).

UMsimang, (1975:190) ulichaza kanje idlokolo:

Emandulo idlokolo laliyimvunulo efakwa izingwazi ezihlabene empini. Idlokolo lalenziwa ngezimpaphe zenqe. Isizathu senqe sisobala. Ingani phela inqe inyoni eyisilwi nesiqhwaga esikhulu.

Uma wawubonakala kudala ngesikhathi sokhokho ufake idlokolo kwakuvele kucace bha ukuthi hhiya le nsizwa ingwazi. Ezinye zezingwazi kwaZulu ezazifaka amadlokolo iNkosi uDinuzulu, wabe eyingwazi enkulu kanye noNozishada kaMaqhoboza umfo kaNzuza.

NaseNazaretha idlokolo noma izidlodlo zifakwa izingwazi ekhanda ikakhulukazi iNhlalisuthi esimnkantshubomvu nezingwevu kanye nabathile abasezikhundleni eziphezulu ngoba liwuphawu lokuhlonipheka ngokobudala, ngokwesikhundla nobungqalabutho.

3.2.3 Izingusha

Izingusha zifakwa iNhlalisuthi phezu kwembatha. Entanyeni bahloba ngezingusha. Imvamisa abasavunuli ngazo manje obaba, sebefaka ubuhlalu entanyeni. Isizathu salokho azisatholakali kalula izinto zokuzenza. Abenzi balo abasakuthakaseli ukulenza ngoba bathi uma sekusinwa intamo iyajuluka bese amaqhule alenzayo asheshe abole. Nabalenzayo bathi alibafakeli mnotho ongako manje. Sebebona kungono benze ubuhlalu manje.

Lobu buhlalu bubizwa ngokuthi iqabane (Manqele:2007). Ikhona osekwathatha indawo yezingusha.

UNyembezi noNxumalo, (1966:1) bathi izingusha:

… Zenziwa ngezingeje noma ngamaqhule noma ngemfibinga. Kwakutholakala ehlathini ezihlahleni, kwakungabhobozwa ngoba vele kwakuba nezimbotshana zakhona.

3.2.4 Imbatha

Imbatha lifakwa entanyeni. Lenziwa ngesikhumba sengwe noma sendlozi noma ingulule. Ubuhle bemvunulo yeNhlalisuthi buthi abuphelele lapha embatheni. Imbatha lihlukene, kukhona elenziwa ngesikhumba sengwe yezihlabathi. Elengwe yezihlabathi linamabala amaningi amhlophe bese liphonsa ngamabala amnyama sakuba nsundu. Elenziwe ngengwe yezibomvu lidle kakhulu lona ngamabala aphuzi kakhulu namnyama athothene (Zulu, 2007).

UZulu, (2007) uqhubekile wachaza kanje:

Enye ingwe itholakala emazweni aseMozambique naseZimbabwe, isikhumba salezi zingwe noma sinawo amabala angenhla kodwa yona amabala amnyama makhulu aba zindingilizi wena wabona indandatho.

UManqele waseMadaka, (2007) uthi:

… Emvunulweni yethu thina maNazaretha imbatha ilona elibiza ukwedlula yonke imvunulo nkosazane. Engani nje leli mbatha lami olibonayo libize inkulungwane namakhulu ayisishagalolunye (R1, 900).

Abanye awabo amambatha bathi ayizinkulungwane ezimbili (R2, 000).

Isizathu esenza imbatha libize limbe eqolo ukuthi isikhumba salo asitholakali kalula kanti futhi uma selilidala sibiza kakhulu. Akulula neze ukuthola imbatha nabacuphi bezilwane ezilenzayo benza omkhulu umsebenzi.

3.2.5 Izikhono

Izikhono zifakwa ezikhonweni ngenhla nenkonyane. Uma zigqokwa zinemichilwana eboshelwa ngaphakathi ekhwapheni. Izikhono zenziwe ngesikhumba sengwe noma esensimba bese kuhlotshiswa ngethayi lemoto lisikwe libe izibheqana ezincane. Zihloba izingalo ezinkonyaneni.

3.2.6 Ishoba

Ishoba iviliyela ngalo esigcawini uma isisina iqephuza iNhlalisuthi. Ishoba

kusho noma kukhombisa uxolo. Imvunulo ayigcini ngokuba uhlobo noma ihlukanise amaNazaretha ngokwezinhla zawo kepha ibuye ikhombise nemisebenzi owenzayo.

Engani isangoma uma siqhamuka awubuzi ukuthi wenza msebenzi muni-ke lo? Uma siqhamuka ukhangwa imiyeko neshoba elimnyama. Elesangoma ishoba lenziwa ngeshoba lenkonkoni. Kunenkolelo yokuthi inkonkoni izwa ngeshoba layo ukuthi lapho eya ngakhona kunobungozi bese ijika.

Isizathu esinye esenza ukuthi iNhlalisuthi iphathe ishoba elimhlophe ukuthi seyaphuma yona emabuthweni asaphatha imikhonto, ayisalwi iNhlalisuthi, isinoxolo ezinhlizweni zayo.

Ishoba leli elisesithombeni. Linomphinyana ongangengalo ngobude ukusuka esandleni kuyoshaya endololwaneni. Liyacanwa ngezintanjana ezinemibala ehehayo. Umcano lo wenza liqine lingahosheki kalula ngoba usebenza njengenkulathi. Inkulathi imvamisa itholakala ngenhla neshoba lenkomo uma kuhlatshiwe lesi sikhumba esizungeze umsila ngenhla kweshoba yiso. Uma sihlinzwa sona siyabhonculwa bese kufakwa lokho okudingayo kungaba umkhonto, isagila, ucelemba noma izembe. Zonke lezi zinto emandulo zazifakwa inkulathi.

3.2.7 Imfacane

Ifakwa phezu kwebheshu, yenziwe ngesikhumba sengwe noma sensimba bese kuhlotshiswa ngamathayi. Ihlobisa ngaphezu kwebheshu ikakhulukazi uma kuyinkonyane noma inyamazane.

Imfacane ingena phezu kwebheshu ibe udidla oluhle ngendlela emangalisayo.

Isikhumba sengulule nesendlozi naso siyasetshenziswa sibambe elikhulu iqhaza ebuhleni bemfacane.

3.2.8 Ibheshu

Ibheshu livunulwa ngemuva okhalweni lwehla njalo ngamachopho. Lenziwa ngesikhumba sengwe, sembuzi, senkomo ikakhulukazi inkonyane noma sendlozi nenyamazane. Imvamisa bathanda ukulenza ngesikhumba senkonyane noma amadlaka. INhlalisuthi iyalifaka ibheshu uma iya enkonzweni ngeSabatha. Ibheshu-ke lisikwa ngokusikwa futhi libekelwa ngokubekelwa lokhu okwenza kube imvunulo (Nyembezi, 1996:4).

Ibheshu lehlukene kathathu, kukhona elifishane nelide kanye neliwumdada.

INhlalisuthi isebenzisa leli eliwumdada ngoba lizimboza kahle zonke izinxenye zangemuva. Okunye abalithandela khona ukuthi indawo yasesigcawini nasemathempelini indawo eNgcwele ngakho akumele kuvele izindawo ezifihlekile zabantu besilisa. Kumele uhlonipheke uma usuligqokile limboze kahle.

3.2.9 Isinene

Isinene yiso lesi esikhonjiswe ngenhla esithombeni. UNyembezi noNxumalo, (1966:4) basichaza kanje:

Senziwa ngesikhumba sensimba. Indlela yokusenza sisikwa sibe ububanzi obusukela kobomunwe owodwa kuye kobesandla sonke, ezinye zenziwa zibe mfishane, ezinye zishaye emadolweni.

Isinene senziwa ngezinhlobo eziningana zesikhumba, kukhona nesenziwa ngesikhumba semvu. Imvamisa lesi sikhumba sisetshenziswa abafana laba abelusayo (Zulu, 2007).

Kwesinye isikhathi esinye siphothelwa ngesikhumba sengwe, leso-ke sisetshenziswa amakhosi oselwa. Abanumzane bavamise ukusebenzisa esenziwa ngesikhumba sengulule nendlozi. Lesi-ke sithanda ukumba eqolo ngenxa yezilwane esenziwa ngazo ezingatholakali kalula. Isinene lesi sibamba iqhaza elikhulu emvunulweni ngoba sisiza ekuvaleni ingaphambili leNhlalisuthi uma isiqephuza isina esigcawini, sisuke silekelelwa umutsha ekufihleni imizi yamadoda. Senziwa sithothane impela ukuze sifihle kahle.

3.2.10 Isiphenama

Isiphenama isikhumba esingenhla kwesinene kodwa sibe sixhumene naso isinene (Nyembezi noNxumalo, 1966:4). Isiphenama senziwa ngesikhumba esishukwe kahle saze sathamba. Kwesinye isikhathi kuyaye kuthathwe isikhumba esisale kwenziwa ibheshu kusetshenziswe sona. Imvamisa ububanzi baso kuba ngangezandla ezimbili zomuntu omdala kodwa-ke kuya ngokuthi umuntu izandla zakhe zingakanani. Sithungelwa ngaphakathi kwesinene. Isiphenama naso sibamba elikhulu iqhaza ngoba noma isinene sichitheka siyasala sona sihloniphise umuzi wendoda.

3.2.11 Imvayizana

Lesi sithombe sikhombisa imvayizana. Imvayizana ixhunyelwa okhalweni ilenge emaceleni noma lapha ezinqulwini zombili. Imvayizana imibhombo emikhulu, imvayizana incane futhi ithambe kamnandi.

Izinjobo lezi othandayo ulengisa zibembili, ntathu, zine noma zibe nhlanu.

Lokho kwenziwa ukuthi ziyimibhombolozi.

Abanye uma sebefake izinjobo bahloba ngazo abazifaki izinene, zivele zithatha indawo yesinene. Ibheshu nezinjobo zodwa kuthiwa idlaka noma idadla. Izinjobo nayo imvayizane zenziwa ngesikhumba sensimba noma sengwe noma senkonyane noma sikajakalase (Nyembezi noNxumalo, 1996:4).

Uma sibhekisisa ngeso elinzulu emvunulweni yeNhlalisuthi, insimba isetshenziswa kakhulu. Lokhu-ke kudalwa ubuhle obuconsisa amathe besikhumba sensimba. Sihle, sithambile, sintofontofo futhi silolongeke kahle.

3.2.12 Indlu yohlanya / Umncedo / Umncwado / Iqoyi

Umuntu wakwaZulu noma angaze ahlobe kangakanani wayesuke engaphelele uma engancwadile. INhlalisuthi isuke ingayiphelelisile imvunulo yayo uma ingawufakile umncwado. Elinye igama lomncwado kuthiwa umncedo, iqoyi noma indlu yohlanya.

UNyembezi, (1966:200) uthi:

Umncwado lona wakhiwe ngomuthi othile omilayo ngasosebeni lomfula okuthiwa inkamanga.

Yingakho abanye bavele balimise ngesihloko bathi umncedo lowo inkamanga.

Inkamanga abanye bayibiza ngokuthi ingceba. Ingceba imila ibe namacembe amakhulu njengobhanana ukhova. Empeleni emandulo imincedo yabafana yayakhiwe ngokhova.

Ingceba lena okwakhiwa ngayo iyaklaywa njengekhwani bese yelukwa njengembenge kepha yona ibe isigubudu njengesilulu.

(Nyembezi, 1966:200).

Owesilisa uyifaka kuye emtsheni ukuze kuthi noma sekuchephuka isinene uhlanya lungaveli.

3.2.13 Ubusenga

Ngezansi kwamadolo kufakwa ubusenga. Ubusenga lobu bunombala oyisiliva.

UBaba uMthethwa, (2007) uthi:

Sekuyimanje nje lapho sekuthiwa ubusenga

sifaka indlanyaza. Indlanyaza yayenziwa ngocingo lulolwe luze lucije bese luphicwa kahle.

Elinye igama lobusenga kuthiwa ihhawozi (Nyembezi noNxumalo, 1966:4).

3.2.14 Ihawu

Ihawu lehlukene izigatshana eziningana. Lapho ngenhla kukhonjiswa izinhlobo zamahawu. Amahawu ahlukene kathathu noma ngaphezulu;

kukhona amahawu amakhulu, amanye aphakathi nendawo, amanye amancane.

Amahawu lawa ahlukana ngokwemisebenzi yawo. Kukhona leli elikhulu okuthiwa isihlangu; lawo-ke avamise ukuphathwa abanumzane uma beyoganisa noma beyobusa emikhosini eyahlukene.

Isihlangu lesi sikhulu impela ngoba sicishe silingane nohlangothi lwenkomo ubude balo. Ububanzi balo bucishe busivale isifuba uma uliphethe. Licishe liyokhawula emadolweni. Imvamisa amagabelo alo asuka phezulu ehle njalo aze ayoshaya phansi njengoba ekhonjisiwe ngenhla. Athatha aze ayothi ngci phansi, abe imigqa emibili.

Abanumzane bavamise ukuthemeleza ngalo esigcawini uma besho ubulanda emshadweni. Bese kubakhona leli elilingene nje elibizwa ngokuthi igqoka.

Igqoka ihawu elincane elilingene eliphathwa lapho kuvunulwe kuyoshelwa (Nyembezi, 1966:93). Leli-ke ilona iNhlalisuthi esina ngalo emgidini.

Ukusikwa kwalo licijile enhla nasezansi. Amagabelo alo ahlukana amaqoqwana amane. La maqoqwana ahlukaniswa umkhathi ongenagabelo phakathi. Kulowo mkhathi uma uphendula ulibhekisa emva kunenkintshwana

Isigusha sakhiwe ngesikhumba semvu kepha namuhla sekwasetshenziswa into ethambile esingathi isiponji. Lesi sigusha sivikela amaqupha ukuthi angalimali uma usudlala noma ugiya. Iminwe kumele ingene kahle la kulesi sigusha.

Ihawu leli lenziwa ngesikhumba senkomo. Liqiniswa ngenduku ebizwa ngokuthi umgobo. Umgobo-ke induku efakwa phakathi naphakathi ehawini ukuze ihawu liqine kahle (Nyembezi noNxumalo, 1966:92). Umgobo nawo uhlotshiswa kahle ngaso belu isikhumba sensimba.

Uhlobo lwesithathu lwehawu nokungelokugcina kuthiwa ingcwayi. Abanye balibiza ngokuthi igabelomunye. La eKuphakameni libizwa ngokuthi ingcwayi, livamise ukuphathwa izinsizwa zesikotshi esibomvu nesimnyama.

Into eyenza liphathwe ile njejane ukuthi alisindi, lincane kahle futhi nayo isencane.

3.2.15 Amadavathi

Amadavathi afakwa emaqakaleni. AweNhlalisuthi awefani nawabesifazane.

Awabo akhiwa ngesikhumba senkomo abe esehlotshiswa kahle.

UNyembezi, (1966:4) uthi:

Amadavathi akhiwe abe imbubu ngobuhlalu obuncane obumhlophe, amanye abe udidli, amanye abe imiketshe.

3.2.16 Izigqizo

Izigqizo zifakwa ezihlakaleni. Zehlukene kabili izigqizo, kukhona ezenziwa ngobuhlalu ezinye zenziwe ngesikhumba. Zenziwa ngesikhumba sengwe noma ingulule noma indlonzi. Ezobuhlalu zinhle kakhulu, lezo-ke zivamise ukufakwa abantu abaganiwe baphelela. Ngokosiko izigqizo kumele uzenzelwe unkosikazi wakho. Izigqizo zesimanje lezi ezisesithombeni. Lezi zesimanje imvamisa uma uzithenga zihambisana namadavathi. Ziba nemichilwana emine emaceleni ukuze zibopheke kahle ngaphakathi kwesihlakala esixhumene nemisipha entendeni yesandla.

UNyembezi noNxumalo, (1966:4) bachaza kanje:

Izigqizo zenziwa ngobuhlalu noma ngensonto zihlotshiswe kahle zigqokwe emaqakaleni nasezihlakaleni. Zihloba abesilisa nabesifazane.

Dalam dokumen JOYCE KHANYISIWE MNQAYI 2010 (Halaman 44-59)

Dokumen terkait