• Tidak ada hasil yang ditemukan

Imvunulo yoJamengweni

Dalam dokumen JOYCE KHANYISIWE MNQAYI 2010 (Halaman 59-69)

Inhloko iyona okuzoqalwa ngayo eqhulwini ngoba vele isophondweni emvunulweni yomama. Izinhloko zihlukene ngokwezigodi. Inhloko yaseNingizimu neKwaZulu ime njengekhowe. INingizimu neKwaZulu ukusuka oThukela uze uyofika phansi emfuleni inciba. Le nhloko ifakwe izinto ezisatshani, ezinye zifakwa ibhuma elomisiwe lase ligxotshwa bese lifakwa kuyo.

Inhloko yaseNyakatho neKwaZulu, ukusuka oThukela kuze kuyoshaya phansi kwamhlabuyalingana, yona-ke ime yaqonda. Ayifakwa okusatshani kepha izinwele ezidayiwe zaphushelwa phezulu zase zikhehlwa zafakwa intsoyi.

Izinhloko zakwaZulu, oSuthu nakwaMandlakazi zicijile phezulu kanti ezaseMachunwini ziyisicaba phezulu.

3.3.2 Isiqhova / IPhoba

Isiqhova sifakwa phezu kwenhloko. Isiqhova siboshwa phezulu enhlokweni sibheke ngemuva. Nakomama emvunulweni yabo insimba isaluthathile ukhasi. Senziwa ngomsila wensimba namaqubu entshe. Isiqhova sifakwa emgidini kuphela. Asifakwa uma kuyiwa eSabatheni.

3.3.3 Umnqwazi

Inhloko ayibi yinhle uma ingafakiwe umnqwazi. Umnqwazi wenziwe kahle ngobuhlalu. Indlela yokwenza umnqwazi iyodwa kodwa kuhlukane ngokuthi ubuhlalu lowo owenzayo ukhipha liphi ikhono ngabo.

3.3.4 Isihheshe

Isihheshe ubuhlalu obumhlophe qwa obenziwe kahle ngobuchule obuthile.

Isihheshe singenye yezimvunulo zoJamengweni enhle ngendlela emangalisayo. Isihheshe sifakwa entanyeni phezu kwengubo yomama

emnyama. Kuba indilingana kufaswe ngemuva entanyeni. Indlela yokwenza isihheshe iyefana yona. Angeke uthole isihheshe senziwe ngenye indlela.

Akufani nomnqwazi wona okhipha ubuchule nobuchwepheshe bakho.

Okuphawulekayo emvunulweni yomama ubuhlalu buhamba phambili.

3.3.5 Ikhulu

Ikhulu ubuhlalu obufakwa ekhanda la ngemuva. Lisukela ekhanda lilenge lithi khixi ngasemagxalabeni. Lenziwa ngobuhlalu obumhlophe namaqanda amakhulu abomvu. Ubuhlalu obukhulu bubizwa ngokuthi amaqanda ngoba bona buthe ukuba bukhudlwana kunalokhu obujwayelekile.

Lihle kakhulu uma sebeligqokile besina lilokhu lijikajika la emahlombe.

Kubizwa ngokuthi ikhulu ngoba la mahlukuzwana alengayo uma usuwabala ayikhulu.

3.3.6 Indwangu emnyama

Indwangu emnyama ifakwa emahlombe yenziwe yahigelwa ngamahlukuzwana ensonto eluhlaza sasibhakabhaka nensonto ebomvana.

Yenziwe yalenga izinsephe zensonto emnyama. Le ndwangu ayifakwa umuntu wesifazane ongashadile. Isizathu sokuba ingafakwa umuntu ongashadile ukuthi phela kwaZulu uphawu lokuhloniphisa amahlombe lenziwa ngomama. Umama kufanele afake isikhafu ukuze akhombise uphawu lokuhlonipha umyeni wakhe nabasemzini imbala. Kanjalo uma befaka le ndwangu emahlombe basuke behlonipha indawo eNgcwele yaseKuphakameni. Kunjalo nje bona banabantu basemzini, abalingani okumele babahloniphe. Le ndwangu ikhombisa leyo nhlonipho leli bandla elidume ngayo.

3.3.7 Indwangu ebomvu / Isicwayo

UMsimang, (1975:184) ngesicwayo uthi:

Kuqala zazenziwa ngobendle nangodakazane.

Lobu tshani babungehlukena nokotini.

Isicwayo sembathwa njengaso isibhodiya kepha sehluka ngoba singena ngaphansi

kwexhama. Kuthi ezansi siphethwe ngobuhlalu obuyizibeba.

Kukhona nendwangu ebomvu emvunulweni yomama. Le ndwangu-ke iboshelwa esiswini. Ihlotshiswe ngobuhlalu obumhlophe. Ubuhlalu obumhlophe bubamba elikhulu iqhaza emvunulweni yomama.

Ubuhle bale ndwangu uma sebevunule kuthi ima ubuke neso libuka lingadeli.

Ubuhlalu buyigugu kuleli bandla. Isuke ingaphelele imvunulo ubuhlalu bungekho. Ibona obuyenza ikepezele ubuhle.

Lapha ngenhla omama baseNzaretha sebephelele emvunulweni. Ababahle basusa usinga. Indwangu yabo ebomvu le yenza imvunulo ikhanye bha.

Ubuhle bemvunulo yomama kuqhakambisa ukuthi kahle hle siphumakuphi thina ndlu yakwaZulu.

3.3.8 Isidwaba

Isidwaba senziwa ngesikhumba senkomo. Emva kokuhlinzwa kwenkomo isikhumba sibethelwa ngezikhonkwana ezicijile ukuze some kahle. Emva kwalokhu sicwiliswa emanzini isonto lonke noma ngaphezulu ukuze sivunde.

Singavunda siyenyulwa emanzini, siphalwe uboya. Sithamba kuze kube sengathi sibolile. Uma sebuphalwe bonke uboya sinekwa elangeni, sichashwe ngombhobe. Lokhu kwenzelwa ukuthi sihlukane kahle. Umbhobe iwona osithambisa kahle sibe sandwangu.

Ngaphambi kokuba sichashwe kufuneka sikhuhlwe ngamabhudle ukuze kuvenuke umsendo ngasesijwabini laso. Isidwaba sihle ngawo umsendo (Msimang, 1994:180-181).

Isidwaba lesi sekwaba iphutha elikhulu ukuthi sifakwe intombi engagcagcile.

Ngokomthetho isidwaba senziwa ngesikhumba senkomo asuke untombazane esinikwe uyise uma ekhehlwa (Nyembezi noNxumalo, 1966:7).

Elinye igama lesidwaba isikhakha. Uma umnikazi waso ebhinca kuthatha isikhathi eside ngenxa yemidweshu nodidla lwaso. Yikho-ke kwaze kwaba nesisho esithi:

‘Usibanibani wenza into unyaka wonke sengathi ubhinca isidwaba,

Isidwaba-ke asembathwa sona ngasejwabini njengesiphuku. Ijwabu lisuke selinomsendo okufuneka ubuyele ngaphandle.

3.3.9 Amadavathi

Amadavathi afakwa emaqakaleni. Enziwe ngobuhlalu obuhlobe kahle kodwa obumhlophe njalo abusali. Yibo futhi obuningi kakhulu. Izintombi aziwafaki amadavathi. Isizathu sokuthi zingawafaki ukuthi azikagcagci, abakasini esigcawini. Omama bawafaka nje vele sebeke basina esigcawini. Sebephelele bona emshadweni. Nobaba ngokunjalo bayawafaka ngoba sebeke bama esigcawini basina.

3.3.10 Izigqizo / Izihlakalo

Izigqizo zenziwa ngobuhlalu obumhlophe, obubomvu nobuluhlaza.

Obumhlophe njalo ibona obuningi. Abusaleli emuva ubuhlalu obumhlophe.

Zifakwa ezihlakaleni zombili. Azifani namadavathi. Indlela yokwenza izigqizo yehlukile kuneyokwenza izigqizo. Amadavathi makhudlwana wona, izigqizo zincane.

3.3.11 Isambulela

Omama uma besina baphatha isambulela eside esimnyama. Isizathu esenza isambulela sibe mnyama ukuthi empeleni silandela umbala omnyama wesidwaba, bese silandela indwangu emnyama ephoswa emahlombe.

Ukubamnyama kwaso kuchaza isizotha siyazi ukuthi umbala omnyama ungeminye wemibala yentobeko. OJamengweni into ehamba phambili kubo isizotha nentobeko. Esabo side kunesezintombi futhi sona sinekhonco.

Esezintombi siqondile futhi sifushane. Isizathu esenza ukuthi esabo sibeside sibe nekhonco ukuthi bona sebebadala, engani kusina ngisho ogogo. Lezi zambulela ezinde ziyabasiza ekutheni babuye bazimelele ngazo. Izintombi azidingi kudondolozela, zintsha zisagcwele amandla.

Imvunulo inamandla esabekayo. Iyivuso elimangalisayo elikhwezela libuye livuselele ubunye. Eligxilisa impande yobunye ensikeni nasentongeni yendumiso, yeqholo, yokushayela phezulu ngokuzithemba.

(Khumalo, 1994:95).

Ukufakazela okushiwo uMashobane ngenhla engani uma ususemgidini sebevunule, basuke sebeyinto eyodwa. Ubunye lapho awububoni unani?

Iqholo lokushayela phezulu usuke ububona bubhalwe emabunzini abo.

3.3.12 Amagxaba

Igxaba indwangu emnyama efakwa phezu kwesidwaba. Igxaba lihlotshiswe ngabo ubuhlalu ngezansi. Awu yekanini ubuhle bemvunulo isihlotshiswe kanje ngobuhlalu. Ubuhlalu bubamba iqhaza elikhulu uma isifakwe bona igqama ithi bha.

3.3.13 Isifociya

Isifociya sakhiwe ngencema bese kufakwa amaqanda axubile. Amaqanda ubuhlalu obukhulu obunezimbobo ezinkulu. Sifakwa phezu kwesidwaba esiswini. Sihlala sithi bhadla phezu kwezisu zezinzalabantu. Umsebenzi waso ukuqinisa noma ukubamba izisu lezi ezilengayo. Sibamba imikhaba le ithule ithi du uma sebesina.

3.3.14 Ihawu

Omama nabo uma besina baphatha ihawu. Elabo-ke linombala obubende.

Indlela yokwenziwa kwalo isikhumba salo siyomiswa, sishukwe kahle bese siyanekwa. Lilula futhi ngesisindo. Omama abantu abalula ngokudalwa kwabo, abanawo amandla njengamadoda. Yikho nje lilula kakhulu elabo ihawu. Amagabelo ehawu lomama avamise ukuba mathathu noma abe mane.

Kuya ngokuthi olenzayo uthanda ukufaka amangaki.

Ubulula behawu lomama lenza singabibikho isidingo sokuba lifakwe umgobo.

Singasho futhi ukuthi ihawu lomama ugabelomunye. Amagabelo ayehla abheke ezansi. Kukhona umkhathi phakathi nendawo ohlukanisa amagabelo.

Dalam dokumen JOYCE KHANYISIWE MNQAYI 2010 (Halaman 59-69)

Dokumen terkait