olunzulu ngenkolo, ngamasiko nangemikhubankonzo yaboMdabu ukuze bangazitholi sebephula umyalo weNkosi uJesu Kristu wokuthi; “Akezanga ukuzochitha kodwa ukugcwalisa.” Abefundisi abathunazwe banqindwe amandla ekugxekeni nasekuklolodelaneni namahlelo akhonza elandela amasiko.
nezinto zakwamakhelwane esenyemfisa okwakhe, akubone sekuyichilo kusuke kungasahambi kahle.
Empeleni umuntu kufanele athande, angagcini ngokuthanda kodwa abuye awagcine amasiko akhe. Ukunamathela kakhulu emasikweni ezinye izizwe kufana ncimishi nelulwane. Ilulwane kwanyoni liyaphikwa kwagundane liyaphikwa. Leli bandla okuhle ngalo nesikubonile ukuthi alizibophi ngamaxhama angalingani nezinkalo zawo.
Okufike kuhlabe umxhwele ukuthi neNkosi uJesu yakusho ukuthi nize ngingasuki ezikhonkwaneni zokhokho benu.
Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi ngize ukugcwalisa.
(Mathew, 15:17).
Akumele sichithe kodwa kumele sigcwalise kwesinakho.
UNxumalo ephephandabeni ilanga lomhla ziyi-10 -12 kuNcwaba 2010 uthi:
Mubi umuntu oNsundu owenza amagugu oyisemkhulu inhlekisa phambi kwabezizwe ngoba efuna ukubizwa njengomuntu ongcono kunabanye besizwe sakhe.
Imvunulo yaleli bandla ingenye yezinto ezibeka leli bandla esicongweni kwezamagugu namasiko ethu. Imvunulo yeNhlalisuthi iyona eseqhulwini noma iyona esika ukhasi. Into edala lokhu ubuhle bezikhumba eyenziwe ngayo. Izikhumba zalezi zilwane, ingwe, indlozi, ingulule, insimba kanye nenkonyane izona ezisebenze kakhulu kule mvunulo.
Imikhosi yemigidi egcinwa kuleli bandla kusuke kungekhona ukuhlangana kuphela basine kodwa kusuke kugcinwa amasiko athile. Umkhosi kaNtulikazi nje kusuke kukhunjulwa abalele ngoba baze bavakashele amaliba alabo abangcwatshelwa eKuphakameni beyobeka izimbali. Kubuye kube umgidi
mcimbi usuke uhamba ezinyathelweni zokukhumbula nasekuhlonipheni uNomkhubulwane.
Kuyahlaluka ngokocwaningo ukuthi ubuhle obusuke bulaphaya emgidini bomisa ulwanga.
UNxumalo, ephephandabeni iLanga lo mhla zinyi- 10-12 kuMandulo uthi:
Bekungafanele babebaningi abantu abangamaZulu abakulesi Sifundazwe abangaze bawuthumela umgidi. Ubuhle obulaphaya buyamangalisa, umuntu angaqala ngaphi ukuchaza isithombe, umfanekiso ubuhle ukugajwa yisimangaliso sesizwe esinomlando ohlobe ngothingo lwenkosazane. Izintombi zisuke zishaya kancane sengathi umhlaba ziyawenyanya.
Leli bandla kunemithetho eliyigcinayo. Ukugcinwa kwale mithetho kulenze lazika ezikhonkwaneni zesintu. Eminye yale mithetho ukuzila kweNhlalisuthi izila oJamengweni. Uma kuyimigidi iNhlalisuthi ayisondeli komama ngokocansi. Lokhu nje kukodwa kushayela isipikili sokuthi ibandla lamaNazaretha lihamba emasikweni. Injabulo yaleli zwe bayayincama ukuze bangene emigidini bengcwele. Ukugcinwa komthetho wokusokwa nje nawo usho lukhulu. Leli siko libadlulisa ebuhlungwini bokusikwa, kodwa abanendaba ngoba bafuna ukuba baphelele ekugcineni imigomo namasiko aleli bandla.
Usiko lufana nentambo ebophele ndawonye bonke abantu abazibiza ngokuthi bayisizwe. Ukunqamuka kwale ntambo kusho ukwehlulwa kwabantu abayisizwe. Ingxenye yokuqala ngeyalabo abanamathele emasikweni abo.
Ingxenye yesibili ileyo yezifundiswa esezishaye indiva neze indaba yokulandela amasiko. Leli bandla linamathele njengenomfi emasikweni.
Ukwenza kwalo konke kunamathele emasikweni.
UMpanza, (1994:7) uthi:
Zonke izizwe ezinenkolo ziyaye zibonakale ngokugcina amasiko azo aziwalahli ngisho zingaphucuzeka kanjani.
Impucuzeko ayikalenzi leli bandla lisuke ezikhonkwaneni. Injula yobunzulu ithi isizwe esingenawo nesingawagcini amasiko siyisizwe esifile sibe sithi sona siyaphila.
Isiko lokuhlola izintombi lingelinye lokushayela isikhonkwane ezintombini ukuthi kumele ziziphathe kahle. Lokhu kunomthelela omuhle kakhulu ezimpilweni zezintombi. Ubhubhane ludla silaza ludla fumuka. Leli siko liyazama kakhulu ukusinqanda lesi sifo singabhebhetheki.
Ukushada komama baphelelise kuleli bandla kungenye Insika yokumisa leli bandla lingazamazami. Omama kuleli bandla bayashada baphelele bathelwe ngenyongo yokubafaka shi ebufazini. Abasini abangaphelele ebufazini.
Kumele baqholiswe.
Esinye isikhonkwane esimise leli bandla inhlonipho. Inhlonipho ibhalwe emabunzini abalandeli. Isisekelo senkolo nesiko loMdabu inhlonipho.
UVilakazi, (1986:87) uthi:
Shembe taught them that reverence and humility are pleasing to God.
Abalandeli baleli bandla bayamhlonipha umholi wabo. Inhlonipho isuka koSokhaya yehle ize kuzinzalabantu yehlele ngisho entsheni. Ukuhlonipha kwandisa izinsuku zanoma imuphi umuntu. Inhlonipho engenye yezinto ezenza leli bandla lithaphuke amakha amnandi.
Izwi leNkosi encwadini eNgcwele (Exodusi, 20:12) lithi:
Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.
Umuntu uma ejeqeza emuva akabi nayo kangaka indumalo ngoba ikuthangi lamaZulu noma selubonakala luvindi kepha ikhono inhlesana yokuthi izolo liyalokoza. Lokhu kungenxa yebandla lamaNazaretha. Mazibuye emasisweni bakwethu zizodla ubabe!!!
Lolu cwaningo luyisambulo esikhanya bha sokuthi uSomnininini akakaze aphunduleke nanininini. Akakaze uMenzi wezinto zonke aphunduleke kwasekudabukeni kwezinto zonke. Akakaze uMdali weZulu nomhlaba aphunduleke kwasekudabuleni isiNtu nezizwe ngezizwe.
Akakaze aphunduleke uSimayedwa kwasekwabeni nasekwabeleni izizwe ngezizwe ngamafa, amagugu nezilimi zaso. Emandulo nanamuhla nasemaphakadeni okuyizimiso nezisekelo zezabelo zendalo nezidalwa kumi kuze kube phakade.
Ukugomela ukuthi uZulu nebandla lamaNazaretha lisasekelwe lisimeme phezu kwezimiso zikaMenzi. Iwuphawu oluqanda ikhanda. Phansi ezinzulwini nasekujuleni kwaleli bandla umjuluko wobuqhawe nokuzigqaja ngemvelaphi uyageleza. Ukugeleza kwalo mjuluko kwenza ompande zakhe zijulile abe nelikhulu iqholo ngaleli bandla.
Lezi zimiso zendumiso ngemigidi ngemigidi nokuvunula ngezekhethelo lemvunulo yoMdabu ziwubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi isisekelo sazo sakhelwe phezu kwedwala laphakade elinguyena uQobo, yena onguyena imihla ngemihla, yena ongajiki oyohlala enguyena njalonjalo.
UMqaliwendlela wayiqala indlela yamaNazaretha wama kokokhokho nowakutshelwa asebalala kobandayo.
Owakukhangezwa okhokho wakudlulisa ngesinono sekati. Akachithanga lutho imimoya nezivunguvungu azikusiphuli okuyizikhonkwane zoMdabu.
Izimiso zikaMenzi wezinto zonke zohlala zimile kuleli bandla. Kuhle ukunyathela ngesizotha nobuqotho emendweni nezinyathuko zokhokho bethu size sifike kwelabo elingafelwa nkonyane.
IMITHOMBO YOLWAZI
Adrian, H. 1993 : African Christianity. The Sea Bury Press.
Biyela, N.F. 2000 : Ucwaningo Olunzulu Ngeqhaza Lezinqolobane Zamagugu Esintu Kwezokuvakasha Nokungcebeleka.
Umqulu Ongashicilelwe Weziqu ZobuDokotela, KwaDlangezwa:
INyuvesi YakwaZulu.
Biyela, N.F. 2001 : Ukuvezwa Komlando Nesiko Endabeni Ka-C.T. Msimang ethi:
Buzani KuMkabayi. Umqulu
Ongashicilelwe Weziqu zeMasters, KwaDlangezwa: ENyuvesi YakwaZulu.
Biyela, T.I. 2000 : Ucwaningo Olunzulu Lokuqhathanisa Umculo KaMasikandi NeSicathamiya Njengokubalulekile Esikweni Lesizwe SamaZulu, Kugxilwe Kakhulu
KuPhuzekhemisi NaMambazo Amnyama. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu ZobuDokotela, KwaDlangezwa:
ENyuvesi YakwaZulu.
Cohen, L. 1989 : Research Method in Education.
London: Routledge.
Dlamini, L.P.P. 1999 : The Potential of Culture and Religious Festival Sporting Events in the Market of Tourism. Umqulu Ongashicilelwe weMasters, KwaDlangezwa: ENyuvesi YakwaZulu.
Dube, J.L. 1930 : UShembe. Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Encyclopedia 2000 : USA Library of Congress Publishing.
Funani, L.S. 1990 : Circumcision among the AmaXhosa.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Gcumisa, M.
noNtombela, M. 1993 : Isilulu Solwazi Lwemvelo.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Hans, J.B.X. 1994 : The Scriptures of AmaNazaretha of Ekuphakameni. University of Calgary.
Hlongwane, J.B. 1990 : Isilulu Solimi. Isando: Heinemann Publishers.
Hlongwane, J.B. 1999 : IsiZulu Samaciko.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
IBhayibheli
Elingcwele, 1959 : INhlangano YeBhayibheli
YaseNingizimu Africa: Cape Town.
Khumalo, R.S. 1995 : Uphoko: Umqulu 1. Pietermaritzburg:
Reach Out.
Khumalo, Z.L.M. 1994 : Ingulule. Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Khumalo, Z.L.M. 1996 : Inyengelezi. Pietermaritzburg:
Reach Out.
Khumalo, Z.L.M. 1997 : Ucwaningo Olunzulu Ngodwendwe LoMdabu. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu ZobuDokotela, EThekwini:
ENyuvesi YaseNatal.
Khuzwayo, B.C. 2002 : Ukukhuthazwa Kolwazi Kwesintu, Amasiko, Izinkolelo Nemikhutshana Yesizwe SamaZulu Neqhaza Okungalibamba Ekugwemeni Izifo
Ezithathelanayo Ngokocansi, Ikakhulukazi Igciwane Lesandulela
Ngculazi Nengculazi Uqobo Lwayo.
Umqulu Ongashicilelwe Weziqu
ZobuDokotela, KwaDlangezwa:
eNyuvesi YakwaZulu.
Krige, E.J. 1936 : The Social System of the Zulus.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
MaNgena, M. 2001 : Values: Cherish our Cultural Heritage: The Educator’s Voice.
Newspaper, Vol.3, 3 April.
Masondo, T.Z. 1984 : Amasiko EsiZulu. Pietermaritzburg:
Shuter noShooter.
Mbiti, J.S. 1970 : Concept of God in Africa. London:
SPCK Publishers.
Mbiti, J.S. 1990 : African Religious and Philosophy.
Gaborone: Heinemann Educationsl Book Ltd.
Mbokazi, S. 2002 : Ucwaningo Ngeqhaza Elibanjwe Imvunulo, Izitsha Kanye Nokudla KwesiZulu Nemithelela Yakho Kwezokuvakasha Nasolimini
LwesiZulu. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zeMasters, KwaDlangezwa:
eNyuvesi YakwaZulu.
Mpanza, A. 1977 : Inkonzo Yamadlozi. Hilton: Union Bible Institute.
Mpanza, M.P. 1994 : Imfundiso KaShembe
NgobuNazaretha. Randhart: Pro-Afri.
Msibi, J.S.M. 2002 : Ucwaningo Ngobumqoka
Nokubaluleka Kwezilwane Esizweni SamaZulu. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zeMasters, KwaDlangezwa:
eNyuvesi YakwaZulu.
Msimang, C.T. 1975 : Kusadliwa Ngoludala.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Msimang, C.T. 1986 : Izimbongi Izolo Nanamuhla. Pretoria:
Abashicileli BakwaDard.
Ntuli, D.B.Z., Msimang, C.T.
noHlongwane, J.B. 1986 : IsiZulu Samaciko. (Ibanga 8).
Ntuli, M.S. 2004 : Ucwaningo Olunzulu Ngesiko
Lokubuyisa Ithongo. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zeMasters, KwaDlangezwa: eNyuvesi YakwaZulu.
Nxumalo, J.A.W. 1969 : Umcebo Wolimi LwesiZulu.
Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Nyembezi, C.L.S.
noNxumalo, O.E.H. 1966 : Inqolobane Yesizwe. Pietermaritzburg:
Shuter noShooter.
Nyembezi, S. 1956 : Uhlelo LwesiZulu. Pietermaritzburg:
Shuter noShooter.
Nyembezi, S. 1992 : Isichazimazwi Sanamuhla
Nangomuso. Pietermaritzburg: Shuter noShooter.
Oosthuisen, G.C. 1967 : The Theology of South African Messiah. Philip University.
Payne, A. 1930 : A Prophet among the Zulus, a Power for Peace and Restraining Influence.
London: News Press.
Richard, K.T. 1967 : The Sociology of Religion. United State of America: Meredit Publishing Company.
Robert, E.L. 1967 : Shembe: The Man and His Work.
Umqulu Ongashicilelwe weMasters, Durban: University of South Africa.
Rosman, A.
noRubel, P.G. 1995 : The Tapestry of Culture. An Introduction to Antropology. New York: McGraw-Hill Inc.
Sangweni, N.H. 2009 : Ucwaningo Olunzulu Mayelana Nolimi Lwabaphansi. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zeHonours, KwaDlangezwa: eNyuvesi YakwaZulu.
Schumacher, S.
noMac Millan, J.H. 1983 : Research in Education. A Conceptual Introduction. Harper Collins: College Publishers.
Shembe, M.V. 2004 : Umuntu WaseZulwini Nabantu Abahle BakaNkulunkulu. EThekwini:
University of KwaZulu-Natal.
Sidaki, G.M.P. 1987 : The Teaching of Zulu of a First Language with Special Reference to the Spoken Language and Grammar in KwaZulu Junior Secondary School.
Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zeMasters, KwaDlangezwa: eNyuvesi YakwaZulu.
Sikhosana, E.L.Z. 2002 : A Critical Study of the Contemporary Practice Ululation (Ukukikiza) and its Current Social and Cultural Values among the Zulus.
UNISA Study Guide 1994 : Only Study Guide for 202. Pretoria:
UNISA Study Guide 1995 : Only Study Guide for 303. Pretoria:
University of South Africa.
Vilakazi, A. 1963 : Zulu Transformation: A Study of the Dynamics of Social Change.
Pietermaritzburg: University of Natal Press.
Vilakazi, A.., Mpanza, M.
noMthethwa, B. 1986 : Shembe, the Revitilazation of African Society. Pietermaritzburg: Skottaville Publishers.
World Book 1996 : Encyclopedia. USA: Library Congress Publishing Ltd.
Zibani, A.N. 2002 : Zulu Cultural Tradition: A Draw Card for Tourism in KwaZulu-Natal with Special Reference to Lubombo Spatial Development. Umqulu Ongashicilelwe Weziqu zobuDokotela.
KwaDlangezwa: eNnyuvesi YakwaZulu.
Zondo, C.D. 1996 : Izingwazi Zase-Afrika.
Pietermaritzburg: Reach Out Publishers.