• Tidak ada hasil yang ditemukan

Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade--Ingabe Usuyitholile?

N/A
N/A
Protected

Academic year: 2021

Membagikan "Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade--Ingabe Usuyitholile?"

Copied!
32
0
0

Teks penuh

(1)

Indlela Eya

Ekuphileni Okuphakade

(2)

U

NKULUNKULU UMNINIMANDLA ONKE unguMbusi wendawo yonke. Ukuphila

kwethu kwamanje nokwangesikhathi esizayo kuncike kuye. Unamandla

oku-vuza namandla okujezisa. Unamandla okunika ukuphila nawokuthatha

ukuphi-la. Uma samukeleka kuye kuyosihambela kahle; uma singamukeleki, kuyosihambela

kabi. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba ukukhulekela kwethu kwamukeleke

kuye!

Abantu bakhulekela ngezindlela eziningi. Uma inkolo injengendlela, ingabe zonke

izindlela eziyizinkolo ziyamukeleka kuNkulunkulu? Cha, azamukeleki. UJesu,

umpro-fethi kaNkulunkulu, wabonisa ukuthi kunezindlela ezimbili kuphela. Wathi: “Ibanzi

futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngayo; kanti

li-ncane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, futhi bambalwa

abayitho-layo.”—Mathewu 7:13, 14.

Kunezinhlobo ezimbili kuphela zenkolo: eholela ekuphileni

nehole-la ekubhujisweni. Injongo yale ncwajana

iwu-kukusiza ukuba uthole indlela eholela

ekuphileni okuphakade.

(3)

1 Ingabe Zonke Izinkolo

Zifundisa Iqiniso? . . . 4 2 Ungalithola Kanjani Iqiniso

NgoNkulunkulu? . . . 5 3 Obani Abahlala Endaweni

Yomoya? . . . 8 4 Bakuphi Okhokho Bethu? . . . 12 5 Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha . . . 15 6 Ingabe UNkulunkulu Uyazamukela Zonke Izinkolo? . . . 19 7 Obani Abaqhuba Inkolo Yeqiniso? . . . 22 8 Shiya Inkolo Yamanga;

Ngena Enkolweni Yeqiniso . . . . 25 9 Inkolo Yeqiniso Ingakuzuzisa

Kuze Kube Phakade! . . . 29

Indlela Eya

Ekuphileni

Okuphakade

Ingabe Usuyitholile?

Okuphakathi

5 2002

Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania All Rights Reserved

Abanyathelisi

Watch Tower Bible and Tract Society of South Africa NPC 1 Robert Broom Drive East,

Rangeview, Krugersdorp, 1739, R.S.A. Inyatheliswe Ngo-2012

Le ncwajana ayidayiswa. Ilungiselelwe njengenxenye yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni

wonke osekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngaphandle kwalapho kuboniswe ngenye indlela,

imiBhalo icashunwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla.

The Road to Everlasting Life—Have You Found It? Zulu (ol-ZU)

Made in the Republic of South Africa

Yenziwe ERepublic YaseNingizimu Afrika J.G.

Ungakujabulela ukwaziswa okwengeziwe?

(4)

C

ISHE bonke abantu e-Afrika bayavu-ma ukuthi kubalulekile ukukhuleke-la uNkulunkulu. Kodwa abavumeukukhuleke-lani ngo-kuthi kumelwe akhulekelwe kanjani. Aba-nye bakhulekela esontweni lamaSulumane, abanye baya emsamo. Kanti abanye baya esontweni elivamile. Kodwa uyobe ushaye phansi uma ucabanga ukuthi zintathu ku-phela izinkolo e-Afrika. AmaSulumane ane-mithetho nezinkolelo ezihlukahlukene. Izi-nkolo zendabuko ziyahlukahluka kuye nge-zindawo. Emasontweni athi awobuKristu, ukuhlukana kukhulu nakakhulu. Ngapha-ndle kwamasonto ayinhloko, kunenqwaba yamasonto azimele kulo lonke elase-Afrika.

1. Yiziphi ezinye zezinkolo ezikhona e-Afrika?

Inkolo Yethu Kumelwe

Isekelwe Eqinisweni

2Kungani abantu bekhulekela

ngendle-la abenza ngayo? Abantu abaningi batha-tha inkolo yabazali babo. Izenzakalo zaku-dala nazo zinomthelela enkolweni abantu abakuyo namuhla. Incwadi ethi The Afri-cans—A Triple Heritage ithi: “Inkolo yama-Sulumane yanda enyakatho yeSahara nge-nxa yokunqoba kwezizwe zamaSulumane, . . . UbuKristu banda eningizimu yeSahara ngendlela efanayo. Uma inkolo yamaSulu-mane esenyakatho yeSahara yanda ngenxa

2. (a) Ngokuvamile yini enquma inkolo yomuntu? (b) Yini engebona ubufakazi bokuthi inkolo yethu iyamjabulisa uNkulunkulu?

1

Ingabe Zonke Izinkolo

(5)

yokusongelwa ngenkemba, ubuKristu obuseningizimu yeSahara bona ba-nda ngenxa yokusongelwa ngesibhamu.” Noma kunjalo, abaningi bethu bakho-lelwa ukuthi inkolo yabo iyamjabulisa uNkulunkulu. Kodwa inkolo ayibi elungi-le ngenxa nje yokuthi abazali bethu baku-yo noma ngenxa baku-yokuthi umbuso wakwe-linye izwe wayifaka ngenkani kokhokho bethu.

3Nakuba zonke izinkolo zithi zinikeza

isiqondiso esithembekile ngokukhonza uNkulunkulu, imibono yazo iyashiyana. Zifundisa izinto eziningi ezihlukahluke-ne ngokuthi uNkulunkulu ungubani no-kuthi yini ayilindele kithi. Cabanga nga-lokhu: Ake sithi uthole umsebenzi enka-mpanini enkulu. Ngosuku lokuqala emse-benzini, uthola ukuthi ubasi akekho use-holidini. Ngakho ubuza izisebenzi ezinta-thu ukuthi yini okufanele uyenze. Isisebe-nzi sokuqala sithi ubasi ufuna ushane-le phansi. Esesibili sithi kufaneushane-le upende isakhiwo. Esesithathu sithi kufanele uha-mbise iposi.

4Kamuva, sewubuza lezi zisebenzi

ngo-basi. Esokuqala sithi ubasi mude, usem-ncane futhi unokhahlo. Esesibili sithi uyi-ndoda emfushane, esikhulile futhi eno-musa. Esesithathu sithi ubasi akuyona indoda—kodwa inkosikazi. Cishe uphetha ngokuthi lezi zisebenzi ezintathu azikhu-lumi iqiniso zonke. Uma ufuna ukuhlala kulo msebenzi wakho omusha, cishe uyo-hlola ukuthi unjani ngempela ubasi no-kuthi ufuna wenzeni.

5Kungokufanayo nangenkolo. Ngenxa

yokuthi miningi kangaka imibono ngoku-thi ungubani uNkulunkulu nangalokho akufunayo kithi, kudingeka siqiniseke ukuthi indlela yethu yokukhulekela ivu-melana neqiniso. Kodwa singalithola ka-njani iqiniso ngoNkulunkulu?

3-5. Yimuphi umfanekiso osisiza sibone ukuthi akuzona zonke izinkolo ezifundisa iqiniso?

S

INGAMAZI kanjani uNkulunkulu? Kuya-dingeka yini sizihlole zonke izimfundiso zezinkolo eziningi? Ngeke sikwazi ukukwe-nza lokho. Ngisho noma besingase sikwazi, besiyokwazi kanjani ukuthi iyiphi imfundiso eyiqiniso?

2Ngempela, ngenxa yayo yonke imibono

ehlukahlukene ngoNkulunkulu, sidinga indlela yokwazi okuyiqiniso, indinganiso abantu abangavumelana ngayo. Ngokwesi-bonelo: Ake sithi esitolo sezindwangu ku-phikiswana ngobude besiqephu sendwangu. Umdayisi uthi le ndwangu ingamamitha amathathu, kodwa umthengi unomuzwa wo-kuthi imfushane kunalokho. Ingaxazululwa kanjani le ndaba? Ngokukala indwangu nge-thephu.

3Ikhona yini ithephu noma indinganiso

yokunquma ezindabeni zenkolo? Yebo, iBha-yibheli. UNkulunkulu wenza ukuba kulo-tshwe iBhayibheli ukuze yonke indawo aba-ntu bafunde iqiniso ngaye. Kunyatheliswe amakhophi ayizigidi eziyizinkulungwane. Li-lonke noma ingxenye yalo liye lahunyushe-lwa ezilimini ezingaphezu kuka-2 100. Cishe bonke abantu bangalifunda iqiniso ngoNku-lunkulu ngolimi lwabo.

4IBhayibheli liyisipho esiyigugu

esive-la kuNkulunkulu. Lichaza izinto ebesike sizazi ngaphandle kwalo. Lisitshela nge-zidalwa ezihlala endaweni yomoya. Lembula

1, 2. Yimuphi umfanekiso obonisa isidingo sendi-nganiso yokunquma ezindabeni zenkolo?

3. Kungani kwalotshwa iBhayibheli? 4. Lisitshela ngani iBhayibheli?

2

Ungalithola

Kanjani Iqiniso

NgoNkulunkulu?

(6)

imicabango kaNkulunkulu, ubuntu bakhe nenjongo yakhe. Lisitshela ngokusebenzela-na kwakhe ngokusebenzela-nabantu eminyakeni eyizinku-lungwane edlule. Likhuluma ngezinto eziyo-kwenzeka esikhathini esizayo. Libonisa no-kuthi singayithola kanjani indlela eya eku-phileni okuphakade.

Isizathu Sokuba Ulikholelwe IBhayibheli

5Ziningi izizathu zokuba sikholelwe

uku-thi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu nge-mpela. Esinye siwukuthi iBhayibheli liyavu-melana nesayensi. Emandulo abantu emhla-beni wonke babecabanga ukuthi umhlaba uphaswe okuthile. Ngokwesibonelo, eNtsho-nalanga Afrika abantu bake bakholelwa ukuthi umhlaba uphaswe inyoka ezisongi-le, ezisonge izikhathi ezingu-3 500 ngaphe-zu komhlaba nezingu-3 500 ngaphansi. Ko-dwa ngokuvumelana nesayensi, eminyake-ni engaphezu kuka-3 500 edlule umlobi we-Bhayibheli wabhala ukuthi uNkulunkulu ‘ulengise umhlaba phezu kweze.’—Jobe 26:7.

6Ubufakazi obukhulu kunabo bonke bo-5. Yisiphi isibonelo esibonisa ukuthi iBhayibheli li-yavumelana nesayensi?

6. Yibuphi ubufakazi obukhulu kunabo bonke bo-kuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

kuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu nge-mpela umlando walo ongenaphutha eku-bikezeleni ikusasa. Ngokungafani nababoni abangabantu, uNkulunkulu uyalazi ngempe-la ikusasa; konke akushoyo kuyenzeka njalo nje.

7Iziprofetho zeBhayibheli eziningi

zagcwa-liseka endulo. Ngokwesibonelo, kusasele imi-nyaka engu-700 ngaphambi kokuba uJe-su azalwe, iBhayibheli lasho ngokunembile ukuthi wayezozalelwa emzini waseBhetlehe-ma, futhi yilokho kanye okwenzeka. (Mika 5:2; Mathewu 2:3-9) Ngale kwezinye izi-´ profetho eziningi ngoJesu, iBhayibheli la-bikezela nokuthi wayezozalwa intombi futhi ekugcineni akhashelwe ngezinhlamvu zesili-va ezingu-30. Nalezo ziprofetho zagcwalise-ka. Impela akekho umuntu owayengabikeze-la lezo zinto!—Isaya 7:14; Zakariya 11:12, 13; Mathewu 1:22, 23; 27:3-5.

8Ziningi iziprofetho zeBhayibheli

ezigcwa-liseka esikhathini sethu. Nazi ezimbalwa: ˘ “Isizwe siyovukela isizwe [ezimpini],

no-7. Yiziphi ezinye zeziprofetho zeBhayibheli ezagcwa-liseka endulo?

8. Yiziphi ezinye zeziprofetho zeBhayibheli ezigcwa-liseka namuhla, futhi zifakazelani?

M o th er an d st a rv in g ch ild :˘ G iac o m o P ir o zzi/ P an o s Pic tu res

(7)

mbuso uvukele umbuso; futhi kuyoba kho-na ukuzamazama okukhulu komhlaba, fu-thi ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe nokusweleka kokudla.” —Luka 21:10, 11.

˘ ‘Kuyokwanda ukwephulwa komthetho.’ —Mathewu 24:12.

˘ “Ezinsukwini zokugcina . . . abantu ba-yokuba abazithandayo, abathandi bemali, . . . abangalaleli abazali, . . . abangenakho ukuzi-thiba, abanolaka, abangenalo uthando loku-hle, . . . abakhukhumele, abathandi benjabu-lo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” —2 Thimothewu 3:1-5.

Awuvumi yini ukuthi lezi zinto ziyenze-ka manje? Ukuba yiqiniso nokunemba kwe-ziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi iBhayibheli aliyona incwadi evamile. LiyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe!—2 Thimo-thewu 3:16.

Ingabe IBhayibheli

Liye Lashintshwa?

9Ake sithi unenkampani futhi

odongeni uhlome uhide lwemi-thetho yezisebenzi zakho. Ubu-yokwenzenjani uma isitha esithi-le sishintsha lokho obukubhali-le? Ubungeke yini ukulungise lo-kho okushintshiwe? UNkulunku-lu naye akabavumeli abantu bashi-ntshe iqiniso leZwi lakhe, iBhayi-bheli.

10Labo abaye bazama

ukushi-ntsha izimfundiso zeZwi likaNkulu-nkulu abazange baphumelele. La-pho siqhathanisa iBhayibheli esi-nalo namuhla namakhophi aku-dala eBhayibheli, kuyafana. Lokhu kubonisa ukuthi iBhayibheli aliza-nge lishintshwe phakathi neminya-ka edlule.

9, 10. Yini ebonisa ukuthi uNkulunku-lu akabavumelanga abantu ukuba bashi-ntshe iBhayibheli?

Isiko Elidluliselwa Ngomlomo

—Ingabe Singalethemba?

Izinkolo zendabuko zase-Afrika azinazo izincwadi ezingcwele zasendulo. Amasiko, imikhuba nemibono ephathelene noNkulu-nkulu idluliselwa ngomlomo isuka kwesinye isizukulwane iye kwesinye. Incwadi ethi West African Traditional Religion ithi: “Ngeke ugomele ngokuthi indaba exoxwa ngomlo-mo inembile. Ezikhathini eziningi, kuleyo ndaba edluliswa ngomlomo kungase kwe-nezelwe okuthile noma kukhishwe, ingase ishintshwe futhi isontwe, yenziwe ihaba fu-thi ibe exakayo, bese ngokuvamile kuba nzi-ma ukuhlukanisa iqiniso nanzi-manga.”

Ibhokisi: Ithini enye incwadi ngokwethembeka kwesiko elidluliselwa ngomlomo?

(8)

I

ZINKOLELO zezinkolo zendabuko zase-Afrika ziye zafaniswa nombhoshongo oci-jile. Phezulu kukhona uNkulunkulu, onama-ndla omoya aphakeme kunawo wonke. Ema-celeni kukhona onkulunkulu abancane, noma imimoya, eyizinceku zikaNkulunku-lu. Eceleni kwabo kukhona amadlozi, abhe-ka imindeni yawo esemhlabeni futhi ayina-kekele. Ekugcineni kukhona amandla omo-ya amancane: umlingo, ukubhula nobutha-kathi.

2Lezi zinkolelo zendabuko ziye zazithonya

kakhulu ezinye izinkolo e-Afrika. Esinye isa-ga sase-Afrika sikubeka kanje: “UkuKholwa (kobuKristu noma kobuSulumane) akusenzi siyeke ukukhulekela onkulunkulu bakithi.”

3Ziyiqiniso kangakanani izinkolelo

zenda-buko zase-Afrika? IBhayibheli lisitshela iqi-niso ngalabo abahlala endaweni yomoya.

UJehova, UNkulunkulu Weqiniso

4Izinkolo ezinkulu ezintathu zase-Afrika

ziyavuma ukuthi uNkulunkulu ukhona no-kuthi uphakeme. IBhayibheli limchaza ngo-kuthi “unguNkulunkulu wonkulunkulu

ne-1. Izinkolo zendabuko ziye zafaniswa kanjani nom-bhoshongo ocijile?

2. Esinye isaga sase-Afrika sikubonisa kanjani ukuthi izinkolelo zendabuko ziyayithonya inkolo? 3. Singalitholaphi iqiniso ngalabo abahlala enda-weni yomoya?

4. Zivumelana ngani izinkolo ezinkulu zase-Afrika?

Nkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu, onamandla nowesabekayo.” (Duteronomi 10: 17) AmaSulumane nawo akholelwa kuNku-lunkulu oyedwa ophakeme. Ngokuqonde-ne Ngokuqonde-nezinkolo zendabuko zase-Afrika, uProfe-sa Geoffrey Parrinder uthi: “Abantu abaningi abaNsundu bebelokhu bekholelwa kuNkulu-nkulu ophakeme, uyise wokuNkulu-nkulukuNkulu-nkulu naba-ntu, umdali wendawo yonke.”

5Nokho, phezu kokuba yande kangaka

inkolelo ngoNkulunkulu, abantu abaningi abanawo umbono ocacile ngokuthi uNku-lunkulu ungubani. Isinyathelo sokuqala so-kwazi umuntu siwuso-kwazi igama lakhe. Izi-nkolo zididekile ngokuqondene negama lika-Nkulunkulu. KweLobukholwa, uvame uku-bizwa ngokuthi uNkulunkulu, isiqu esisho ukuthi “Onamandla.” AmaSulumane athi u-Allah. Kulabo abasenkolweni yendabuko, igama okubizwa ngalo oPhakeme liyashi-ntshashintsha kuye ngolimi. Encwadini ya-khe ethi Concepts of God in Africa, uJohn S. Mbiti ubala amagama neziqu ezingaphe-zu kuka-500 okubizwa ngazo uNkulunkulu e-Afrika. Ngokwesibonelo, ngesiYoruba (eNi-geria), uNkulunkulu ubizwa ngokuthi u-Olo-dumare; amaKikuyu (eKenya), athi uNgai; amaZulu (eNingizimu Afrika), athi uNkulu-nkulu (noma uMvelinqangi).

5. Yimaphi amanye amagama okubizwa ngawo uNkulunkulu?

(9)

6Yena uNkulunkulu uthini ngegama

la-khe? Ngenkathi uNkulunkulu eyala uMo-se ukuba ahole ama-Israyeli aphume eGi-bhithe, uMose wabuza: “Ake ngithi sengifi-kile kubantwana bakwa-Israyeli futhi ngathi kubo, ‘UNkulunkulu wokhokho benu ungi-thume kini,’ bona bathi kimi, ‘Ngubani igama´ lakhe?’ Ngizothini kubo?”—Eksodusi 3:13.

7UNkulunkulu waphendula: “Yilokhu

okumelwe ukusho kubantwana bakwa-Isra-yeli, ‘UJehova uNkulunkulu wokhokho benu . . . ungithume kini.’ Yileli igama lami kuze´ kube nini nanini, futhi lesi yisikhumbu-zo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” (Eksodusi 3:15) Leli gama likaNkulunkulu li-vela izikhathi ezingaphezu kwezingu-7 000 eBhayibhelini, nakuba abanye abahumushi beBhayibheli beye bafaka iziqu ezithi “Nkulu-nkulu” noma “Nkosi” esikhundleni salo.

8Unjani ngempela uJehova? Ungumoya,

ungumninimandla onke, uyakhazimula. Uphakeme, akanakuqhathaniswa namuntu, akalingani namuntu. (Duteronomi 6:4; Isa-ya 44:6) UJehova wathi kuMose: “Mina Jeho-va uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela.” Ngamanye amazwi, ukuze uJehova asamukele kumelwe sikhulekele yena yedwa. Akafuni sikhuleke-le noma yini enye nanoma ubani omunye. —Eksodusi 20:3-5.

UJesu Kristu,

INkosi YoMbuso KaNkulunkulu

9Namuhla abaningi badidekile ngokuthi

ungubani uJesu. Abaningi kweLobukholwa bakholelwa ukuthi uJesu uyingxenye kaZi-qu-zintathu “Ongcwele.” Kodwa iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu ungabantu abathathu koyedwa. Futhi alifundisi ukuthi uJesu ulingana noJehova. UJesu ngokwa-khe wathi: “UBaba mkhulu kunami.”—Joha-ne 14:28.

6, 7. Ubani igama likaNkulunkulu, futhi sazi ka-njani?

8. Unjani uJehova, futhi yini okumelwe siyenze uma sifuna asamukele?

9. Kungani sithi uJesu akalingani noJehova?

10IBhayibheli lifundisa ukuthi ngaphambi

kokuba uJesu aphile njengomuntu emhlabe-ni, wayephila ezulwini njengesidalwa somo-ya esinamandla. Njengoba nje uJehova ada-la u-Adamu no-Eva emhada-labeni, wadaada-la naba-ntu bomoya ezulwini. UJesu ungumunaba-ntu wo-moya wokuqala owadalwa uJehova.—Johane 17:5; Kolose 1:15.

11Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule

uJehova wadlulisela ukuphila kwalesi sida-lwa somoya esibelethweni sentombi uMari-ya. Ingelosi uGabriyeli yathi kuye: “Uzokhule-lwa, ubelethe indodana, kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu. Futhi iyobusa njengenkosi . . . , nombuso wayo ngeke uphele.”—Luka 1: 31, 33.1

12Ngakho uJesu wazalwa, wakhula waba

indoda futhi wafundisa abantu intando ne-njongo kaJehova. Wathi kumbusi waseRo-ma: ‘Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele [lesi sizathu] ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.’ (Johane 18:37) Ngokucabangela lokho uJe-su akufundisa, singalithola iqiniso ngenta-ndo nangenjongo kaNkulunkulu. Singathola ukuthi singakuzuza kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu.

13Isizathu sesibili sokuba uJesu eze

em-hlabeni sasiwukuba anikele ukuphila kwa-khe njengomuntu kube isihlengo sesintu. (Mathewu 20:28) Wenza lokhu ukuze sikhu-luleke esonweni esasizuza ngefa kukhokho

1 IKoran ibhekisela ekuzalweni kukaJesu ngokuyisima-ngaliso kuyiSurah 19 (uMariya). Ithi: “Sathumela umo-ya Wethu [kuMariumo-ya] usesimweni somuntu omdala. Futhi lapho ewubona wathi: ‘Kwangathi Onesihe angangivikela kuwe! Uma uyesaba iNkosi, ngiyeke uhambe.’ ‘Ngiyisithu-nywa seNkosi yakho,’ kuphendula umoya, ‘futhi ngizele ukuzokunika indodana engcwele.’ ‘Ngingayithola kanjani ingane,’ ephendula, ‘ngoba ngiyintombi, angikaze ngithi-ntwe yindoda?’ ‘Yileyo intando yeNkosi yakho,’ uphendula. ‘Akunzima lokho kuYo. INkosi ithi: “Iyoba isibonakaliso ku-bantu nesibusiso esivela Kithi. Yilowo umyalo Wethu.” ’ ” 10. Wayekuphi uJesu ngaphambi kokuba eze em-hlabeni?

11. Kwenzeka kanjani ukuba uJesu azalwe njengo-muntu?

12. Yisiphi isizathu sokuqala sokuba uJesu eze em-hlabeni?

13. Yisiphi isizathu sesibili sokuba uJesu eze em-hlabeni?

(10)

wethu u-Adamu. Lokhu kwakuzokwenza ukuba sikwazi ukuphila phakade. Umpho-stoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu wa-lithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wo-nke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhu-bhi kodwa abe nokuphila okuphakade.”—Jo-hane 3:16.

14Ngemva kokufa kwakhe njengomuntu,

uJesu wavuselwa ezulwini lapho aphinde aqala khona ukuphila njengesidalwa somoya esinamandla. (IzEnzo 2:32, 33) Kamuva, uJe-hova wamnika “ububusi nesithunzi nombu-so, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.” (Daniyeli 7:13, 14) UJe-su usenziwe iNkosi enamandla; uyiNkosi ka-hulumeni osezulwini kaJehova. Maduze nje uzobonisa amandla akhe emhlabeni wonke.

Izingelosi, Izikhonzi ZikaNkulunkulu

15UJehova noJesu akubona bodwa

aba-hlala endaweni yomoya. UJehova wadala ne-zinye izidalwa zomoya, izingelosi. UGabriye-li owakhuluma noMariya ungomunye wazo. Izingelosi azizange ziqale ziphile njengaba-ntu emhlabeni. Zadalelwa ezulwini kusasele isikhathi eside kudalwe abantu emhlabeni. (Jobe 38:4-7) Kunezigidi zezingelosi.—Daniye-li 7:10.

16Izingelosi ezithembekile azifuni

sizikhu-lekele. Lapho umphostoli uJohane ezama kuze kube kabili ukukhulekela izingelosi, zamkhuza, zathi: “Qaphela! Ungakwenzi lo-kho! . . . Khulekela uNkulunkulu.”—IsAmbu-lo 19:10; 22:8, 9.

17Izingelosi azisezi kubantu

bakaNkulu-nkulu emhlabeni, njengoba zenza ngenkathi zikhulula abaphostoli bakaJesu etilongweni.

14. (a) Kwenzekani kuJesu ngemva kokufa kwakhe njengomuntu? (b) UJesu unasiphi isikhundla ezu-lwini manje?

15. Izingelosi zadalwa nini futhi kuphi?

16. Kungani kungafanele abantu bakhulekele izi-ngelosi?

17. Yini ebonisa ukuthi izingelosi ziyakwazi ukuvi-kela izinceku zikaNkulunkulu, futhi kungani kudu-duza lokhu?

(IzEnzo 5:18, 19) Noma zingasezi, uma uJeho-va simkhulekela ngokuvumelana neZwi la-khe, iBhayibheli, singaqiniseka ukuthi ama-butho kaNkulunkulu ayizingelosi ezinama-ndla ezingabonakali ayosivikela. IBhayibheli lithi: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke za-labo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHubo 34:7; 91:11) Kungani kufanele kusiduduze lo-khu? Ngoba endaweni yomoya kunezitha ezi-yingozi ezifuna ukusilimaza!

USathane, Isitha SikaNkulunkulu

18Akuzona zonke izingelosi

zikaNkulu-nkulu ezahlala zithembekile kuye. Ezinye zamhlubuka. Zazenza zona ngokwazo izitha zikaNkulunkulu nezabantu emhlabeni. Kwe-nzeka kanjani lokhu? Zonke izidalwa ezi-yizingelosi uJehova azidala zazilungile fu-thi zizinhle. Kodwa eyodwa kula madodana

18. (a) Kungani ingelosi ethile yahlubuka uNkulu-nkulu? (b) Yaqanjwa maphi amagama le ngelosi eyi-sihlubuki?

Izingelosi ezithembekile ziyenqaba ukukhulekelwa

(11)

omoya aphelele yafuna ukukhulekelwa aba-ntu futhi yenza ngokuvumelana nalesi sifi-so esibi. Lesifi-so sidalwa sifi-somoya saqanjwa ngo-kuthi uSathane, okusho ungo-kuthi “uMphikisi [kaNkulunkulu].” Ubizwa nangokuthi uDeve-li, okusho ukuthi “uMnyundeuDeve-li,” ngoba uqa-mbela uJehova amanga aluhlaza cwe.´

19USathane ucindezela abantu ukuba

ba-hlanganyele naye ekuhlubukeni uNkulu-nkulu. Cabanga ngalokho akwenza encekwi-ni kaNkulunkulu ethembekile uJobe. UJo-be wayeyisigwili. Wayenezimvu ezingu-7 000, amakamela angu-3 000, izinkomazi nezi-nkunzi ezingu-1 000, kanye nezimbongolo-kazi ezingu-500. Wayenezingane eziyishumi nenqwaba yezinceku. Okokuqala, uSathane wabulala imfuyo kaJobe nezinceku zakhe. Wabe esebangela “umoya omkhulu” uku-ba ubhidlize indlu, zafa zonke izingane zi-kaJobe. Kamuva, uSathane wahlupha uJo-be “ngamathumba abulalayo kusukela ema-theni onyawo kwaze kwaba sokhakhayini.” —Jobe 1:3-19; 2:7.

20Naphezu kwalolu vivinyo olubuhlungu,

uJobe wahlala ethembekile kuNkulunku-lu. Ngakho uJehova wamphulukisa, “wa-qala ukwenezela kukho konke okwakungo-kukaJobe, ngokuphindwe kabili.” (Jobe 42: 10) USathane wahluleka ukuphula ubuqo-tho bukaJobe, kodwa uphumelele ekuhlubu-leni abanye abantu abaningi kuNkulunku-lu. IBhayibheli lithi: “Lonke izwe lisemandle-ni omubi.”—1 Johane 5:19.

21USathane ufuna simkhulekele.

Wakwe-nza kwacaca lokhu lapho elinga uJesu emi-nyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. IBha-yibheli liyalandisa: “UDeveli . . . wamthatha [uJesu] waya naye entabeni ephakeme ngo-kungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso

19. Kungani uSathane ahlupha uJobe, futhi wam-hlupha kanjani?

20. (a) Wavuzwa kanjani uJobe ngokwethembeka kwakhe? (b) Nakuba uJobe athembeka kuNkulu-nkulu, uSathane wenzeni kwabanye abantu abani-ngi?

21. (a) USathane wasibonisa kanjani isifiso sakhe sokukhulekelwa? (b) Kungani uJesu enqaba uku-khulekela uSathane?

yezwe nenkazimulo yayo, wathi kuye: ‘Zonke lezi zinto ngizokunika zona uma uwa pha-nsi wenze isenzo sokukhuleka kimi.’ ” UJe-su wenqaba, wathi: “Hamba, Sathane! Ngo-ba kulotshiwe ukuthi, ‘NguJehova uNkulu-nkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.’ ” (Mathewu 4:8-10) UJesu wayewa-zi kahle umthetho kaJehova, akakwenzanga lokho uSathane ayekufuna.

Amademoni, Imimoya Emibi

22Nezinye izingelosi zahlanganyela

noSa-thane ekuhlubukeni kuNkulunkulu. Lezi zi-ngelosi ezingamademoni ziyizitha zabantu emhlabeni. Zinonya nesihluku. Esikhathini esidlule zenza abantu abathile baba izimu-ngulu nezimpumputhe. (Mathewu 9:32, 33; 12:22) Abanye zabagulisa noma zabahlanyi-sa. (Mathewu 17:15, 18; Marku 5:2-5) Zazihlu-pha ngisho nezingane.—Luka 9:42.

23NjengoSathane, le mimoya emibi

ifu-na ukukhulekelwa. Esikhundleni soku-ba yenqabe ukukhulekelwa asoku-bantu—iqaphe- abantu—iqaphe-le ukuthi nguJehova kuphela ofanelwe uku-khulekelwa—iyakuhahela, iyakufuna, fu-thi iyakukhuthaza. USathane namademoni baye benza abantu babakhulekela besebe-nzisa ubuqili, amanga nokubesabisa. Abaningi-ke kodwa abantu abaziyo ukuthi ba-khulekela uSathane namademoni akhe. Aba-ntu abaningi bangashaqeka uma bezwa uku-thi inkolo yabo idumisa uSathane. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Izinto izizwe ezize-nza umhlatshelo zizihlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu.”—1 Korinte 10:20.

24Enye indlela uSathane namademoni

akhe abadukisa ngayo abantu ukuba baba-khulekele iwukusakaza imibono engamanga ngabafileyo. Ake sibone ukuthi iBhayibheli li-fundisani ngalokhu.

22. Amademoni abenzeni abantu?

23. (a) Imimoya emibi ifunani kubantu? (b) USa-thane namademoni baye babenzisani abantu ngo-buqili?

24. Yiliphi iqhinga uSathane alisebenzisela ukudu-kisa abantu?

(12)

I

ZIGIDI zabantu e-Afrika zikholelwa uku-thi ukufa akusona isiphetho sokuphila, kodwa kumane nje kuwukudlulela ekuphile-ni kwenye indawo. Abaekuphile-ningi bacabanga uku-thi okhokho babo asebefile basukile ezweni esilibonayo baya kwelingabonakali, basukile ezweni labantu baya kwelemimoya.

2La madlozi, noma abangasekho,

kuthi-wa abheka imindeni yawo esemhlabeni ayi-sindise futhi ayilethele izinhlanhla. Ngokwa-lo mbono, amadNgokwa-lozi angabangane abanama-ndla abakwazi ukuletha isivuno esihle, ba-dale ukuthula futhi bavikele abantu ezingo-zini. Kuthiwa uma ungawanaki noma uwa-thukuthelisa aletha amashwa—izifo, ubu-mpofu nemihlola.

3Abaphilayo benza amasiko okuhlonipha

imimoya yabangasekho futhi bangayicasuli. La masiko, anjengomlindelo, abonakala ika-khulu lapho kufiwe nasemingcwabeni. Uku-khulekela amadlozi kuboniswa nangezinye izindlela. Ngokwesibonelo, abanye abantu ngaphambi kokuba baphuze utshwala ba-buthi chatha enhlabathini bebuthelela ama-dlozi. Kanti futhi kushiywa ukudla ebhodwe-ni ukuze amadlozi adle uma efika.

4Abanye abantu bakholelwa ukuthi

aba-philayo banomphefumulo ongafi osindayo la-pho kufa umzimba. Kuthiwa uma umuntu eziphethe kahle, umphefumulo wakhe uya ezulwini noma epharadesi, kodwa uma ekho-hlakele kuthiwa umphefumulo wakhe ula-hlwa esihogweni. Abantu bavame

ukuhla-1, 2. Yini abantu abaningi abayikholelwayo ngaba-fileyo?

3. Abanye abantu bawakhulekela kanjani ama-dlozi?

4. Yini abantu abaningi abayikholelwayo ngomphe-fumulo?

nganisa lo mbono nezinkolelo zendabuko. Ngokwesibonelo, izimemezelo zemingcwabo emaphephandabeni nasemisakazweni ngezi-nye izikhathi zithi umuntu “usewelele nga-phesheya” noma “useye koyisemkhulu.” Zo-nke lezi zinkolelo zisekelwe embonweni wo-kuthi umphefumulo, noma umoya, uyasi-nda lapho kufa umzimba. Lithini iBhayibhe-li ngalokhu?

Umphefumulo Nomoya

5IBhayibheli libonisa ukuthi

umphefu-mulo awuyona into ethile engaphakathi ku-muntu; umphefumulo ungumuntu ngokwa-khe. Ngokwesibonelo, ngenkathi uNkulu-nkulu edala u-Adamu, lo “muntu waba ngumphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) U-Adamu akanikezwanga umphefumulo; wa-yeyiwoumphefumulo, umuntu ophelele.

6Yingakho sifunda ukuthi imiphefumulo

iyazalwa. (Genesise 46:18) Ingadla noma izi-le ukudla. (Levitikusi 7:20; IHubo 35:13)

Iya-5, 6. NgokweBhayibheli, uyini umphefumulo?

4

Bakuphi

(13)

khala futhi ifikelwe yisinxi. (Jeremiya 13: 17; Jona 2:7) Imiphefumulo ingathunjwa, ixoshwe, iboshwe ngezinsimbi. (Duteronomi 24:7; IHubo 7:5; 105:18) Amanye amaBhayi-bheli ahumusha igama lolimi lokuqala ngo-kuthi “umphefumulo” kulawo mavesi, kanti amanye asebenzisa amagama athi “umuntu” noma “isidalwa.” Wonke asho into efanayo.

7Njengoba umphefumulo ungumuntu,

la-pho umuntu efa, kufa umphefumulo. UHeze-keli 18:4 uthi: “Umphefumulo owonayo—yiwo oyokufa.” Kanti nezEnzo 3:23 zithi: “Noma imuphi umphefumulo [noma umuntu] onga-mlaleli lowo mProfethi uyobhujiswa ngoku-phelele phakathi kwabantu.” Ngakho um-phefumulo awuyona into esindayo lapho kufa umuntu.

8Umoya awuyona into eyodwa

nomphefu-mulo. Umoya okubantu ungamandla okuphi-laabenza bakwazi ukwenza izinto ekuphile-ni. Lo moya unjengogesi. Ugesi ungenza isi-phephetha-moya noma isiqandisi sisebenze, kodwa wona uwodwa ugesi ngeke ukwazi ukuphephetha umoya noma ukubandisa izi-nto. Ngendlela efanayo, umoya okithi usenza sikwazi ukubona, ukulalela, nokucabanga. Kodwa wona uwodwa ngeke ukwazi ukwenza lezo zinto ngaphandle kwamehlo, izindlebe, noma ubuchopho. Yingakho iBhayibheli lithi ngomuntu: ‘Umoya wakhe uyaphuma, aphi-ndele emhlabathini wakhe; ngalolo suku imi-cabango yakhe iyashabalala.’—IHubo 146:4.

9Ngakho-ke, ngokweBhayibheli lapho

umuntu efa umphefumulo noma umoya awuphumi uyoqhubeka nokuphila endaweni yomoya.

Isimo Sabafileyo

10Abafileyo bakusiphi-ke isimo?

Njengo-ba uJehova kunguyena owadala aNjengo-bantu, uyazi nokuthi kwenzekani kithi lapho sifa.

7. Yimaphi amavesi eBhayibheli abonisa ukuthi umphefumulo ungafa?

8. Uyini umoya okubantu?

9. Yini ongayenzi umphefumulo nomoya? 10. Lithini iBhayibheli ngesimo sabafileyo?

IZwi lakhe lifundisa ukuthi abafileyo abaphi-li, abakwazi ukulalela, ukubona, ukukhulu-ma noukukhulu-ma ukucabanga noukukhulu-ma yini. IBhayibhe-li IBhayibhe-lithi:

˘ “Abafileyo . . . abazi lutho.”—UmShuma-yeli 9:5.

˘ “Uthando lwabo nenzondo yabo nomha-wu wabo sekushabalele kakade.”—UmShu-mayeli 9:6.

˘ “Akukho msebenzi namacebo nalwa-zi nakuhlakanipha [ethuneni], indawo oya kuyo.”—UmShumayeli 9:10.

11Cabanga ngalokho iBhayibheli

eliku-shoyo ngokhokho wethu wokuqala, u-Ada-mu. UJehova wabumba u-Adamu “ngothu-li lomhlabathi.” (Genesise 2:7) Ukube u-Ada-mu wawulalela umthetho kaJehova, ngabe waphila phakade ngenjabulo emhlabeni. No-kho, u-Adamu wawephula umthetho kaJeho-va, isijeziso saba ukufa. Washonaphi u-Ada-mu lapho esefile? UNkulunkulu wathi kuye: “[Uyobuyela] emhlabathini, ngoba watha-thwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othu-lini.”—Genesise 3:19.

12Wayekuphi u-Adamu ngaphambi

koku-ba uJehova amdale ngothuli? Wayengekho ndawo. Wayengaphili. Ngakho lapho uJehova ethi u-Adamu ‘wayeyobuyela othulini,’ waye-sho ukuthi u-Adamu wayezophinde angaphi-li, njengothuli. U-Adamu akazange aqhube-ke ephila ezweni lemimoya. Akazange ‘awele-le ngaphesheya’ ezweni labangasekho. Aka-yanga ezulwini noma esihogweni. Wabuye-la esimweni sokungaphili; akabange esaba khona.

13Ingabe nakwabanye abantu kwenzeka

okufanayo? Yebo, kunjalo. IBhayibheli liya-chaza: “[Abantu nezilwane] kuya endaweni yinye. Konke kuye kwaba khona kuvela othu-lini, futhi konke kubuyela othulini.”—Um-Shumayeli 3:19, 20.

11. Lapho u-Adamu esonile, uJehova wathini kuye? 12. Kwenzekani ku-Adamu lapho esefile?

13. Kwenzekani kubantu nasezilwaneni lapho ko-kubili lokhu kufa?

(14)

14IBhayibheli lithembisa ukuthi

uNkulunkulu uyovusela abafileyo ekuphileni emhlabeni oyipharade-si. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Kodwa leso sikhathi siseza. Okwa-manje balele ekufeni. (Johane 11: 11-14) Akufanele sibesabe noma si-bakhulekele ngoba abakwazi uku-sisiza noma ukusilimaza.

15Umqondo wokuthi asifi

nge-mpela ungamanga asakazwa uSa-thane uDeveli. Ukuze enze abantu bawakholwe la manga, yena nama-demoni akhe bazama ukwenza aba-ntu bacabange ukuthi ukugula ne-zinye izinkinga zibangelwa imimoya yabafileyo. Kuyiqiniso ukuthi ezi-nye izinkinga zibangelwa yiwo ama-demoni. Kuyiqiniso nokuthi ezi-nye izinkinga azibangelwa amandla emimoya. Kodwa akulona iqiniso ukuthi singalinyazwa yilabo abale-le ekufeni.

16Kukhona nenye indlela

amade-moni azama ukwenza ngayo abantu bacabange ukuthi kungamanga lo-kho okushiwo iBhayibheli ngokufa. Akhohlisa abantu bacabange uku-thi babone abafileyo noma bakhu-lume nabo. Akwenza lokhu esebe-nzisa imibono, amaphupho, abane-mimoya, noma ngezinye izindlela. Kodwa abantu basuke bengakhu-lumi nabafileyo, kodwa namademo-ni azenza abantu abafileyo. Yinga-kho uJehova engafuni nokubabo-na abanemimoya nokubabo-nalabo ababuza kwabafileyo.—Duteronomi 18:10-12; Zakariya 10:2.

14. Kunaliphi ithemba ngabafileyo? 15, 16. USathane uzama kanjani ukwe-nza abantu bakholelwe ukuthi abafileyo abafile ngempela?

Abafileyo Abakwazi Ukusisiza

Ngo-1990 kwakhothama inkosi edumile eNtshona-langa Afrika. Yayinamakhosikazi amahlanu nenqwaba yabantwana. Yayinamabhizinisi amabili ayengenisa imali enjengemali.

Lapho le nkosi isikhotheme, umndeni wawagci-na kahle amasiko owawukholelwa ukuthi azohloni-pha umoya wayo. Amakhosikazi ayo azila ngezimnya-ma, ayeka izinwele zimahlikihliki, adla kancane, futhi angageza. Akhala ebangalasa izinsuku eziyisikhombi-sa ngemva komngcwabo. Ngokuvumelana nesiko le-ndawo, umndeni wabe usuhlangana nezihlobo kwe-nziwa umsebenzi wokuphothula isiko lokungcwaba —isiphihli sedili elihambisana nokusina.

Impela, ukube le nkosi yayikwazi ukugcina umndeni wayo futhi iwulethele izinhlanhla, yayizokwenza ka-njalo! Kodwa akwenzekanga lokho. Amabhizinisi ayo awa. Abomndeni babanga ifa, kwathi kamuva kwaba noqhekeko emndenini. Manje sekunengcosana yaba-ntu kulesi sigodlo esikhulu senkosi esasike saba ne-nqwaba yabantu.

Abafileyo Abakwazi Ukusilimaza

Emaphandleni aseNigeria, kwafa indoda ethile ya-ngcwatshwa. Ngemva kwesikhathi, umkayo wafikelwa iphupho lathi umyeni wakhe ufuna iwashi lakhe. Na-ngempela walithatha iwashi walimbela eduze kwesi-dumbu sakhe.

Insizwa enguDunikan yalimba ingabonwa muntu yalisebenzisa isikhathi eside laze lazigugela. Ayive-lelwanga yilutho. Ukube umufi wayenawo amandla okwenza okuthile kwabaphilayo, nakanjani wayezoli-lethela amashwa leli sela elalintshontshe iwashi lakhe khona kanye ethuneni lakhe!

Ibhokisi: Yiziphi izigigaba ezibonisa uku-thi abafileyo abakwazi ukusisiza noma ukusilimaza?

(15)

“E

-AFRIKA k uwuk udlala ngesikhathi ukubuza ukuthi bakhona yini abathakathi noma cha,” kusho incwadi ethi African Traditional Reli-gion, bese inezela ukuthi “abantu abaNsu-ndu bazo zonke izigaba bayazi ukuthi ubu-thakathi bukhona.” Abangafundile nabayizi-fundiswa bayakholelwa emilingweni nasebu-thakathini. Abaholi benkolo yamaSulumane nabeLobukholwa nabo bayakholelwa kulezi zinto.

2Ngokwenkolelo ethandwayo e-Afrika,

ku-namandla angokomoya angaqondakali. Ala-wulwa uNkulunkulu. Abanemimoya naba-phansi bangawasebenzisa. Nabantu abathi-le bayakwazi ukuwathola bawasebenzise, ba-wasebenzisele izinhlanhla noma amashwa.

3Yizitha ezithunyelelwa amashwa noma

eziloywayo. Kuthiwa abantu abaloyayo ba-namandla okuthumela amalulwane, izinyo-ni, izimpukane nezinye izilwane ziyohlasela abantu. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuloywa kwenza abantu balwe, babe yizi-nyumba, bagule, bafe nokufa.

1. Kwande kangakanani ukukholelwa emilingweni nasebuthakathini?

2. Ngokwenkolelo ethandwayo, avelaphi amandla okwenza imilingo?

3. Kuyini ukuloya, futhi yini abantu abakholelwa ukuthi kungayenza?

4Okunye okuthi

akufane nakho ubuthakathi. Kuthiwa aba-thakathi bashiya imizimba yabo ebusu-ku bandize bayohlangana nabanye aba-thakathi noma bayobulala abantu. Njengo-ba imizimNjengo-ba yaNjengo-bathakathi isala ilele emi-bhedeni, lezi zindaba zixoxwa ikakhulu aba-ntu abasuke sebeyekile ukuthakatha. Ngo-kwesibonelo, omunye umagazini wase-Afri-ka ucaphuna ababengabathawase-Afri-kathi (iwase-Afri-kakhu- (ikakhu-lu amantombazane asakhula) bethi: “Nga-bulala abantu abangu-150 ngokubabangela izingozi zezimoto.” “Ngabulala izingane ezi-nhlanu ngokumunca lonke igazi lazo.” “Nga-bulala amasoka ami amathathu ngoba anga-la.”

5Kucatshangwa ukuthi ukugqaba

kuvike-la umuntu kokubi. Labo abagqabile bafa-ka izindandatho noma amasongo abhiliwe.

4. Yini abaningi abayikholelwayo ngabathakathi, futhi yiziphi izinto abaye bazivuma abanye ababe-ngabathakathi?

5. Yini ukugqaba, futhi kwenziwa kanjani?

5

Iqiniso

Ngomlingo

Nokuthakatha

(16)

Baphuza imithi ethile noma bagcobe izigqa-bo. Endlini noma egcekeni babethela izikho-nkwane abakholewa ukuthi ziqinisa umu-zi. Bathembela ezigqizweni zenhlanhla ezi-namazwi athathwe kuyiKoran noma eBhayi-bhelini.

Amanga Nokukhohlisa

6Kuyiqiniso ukuthi uSathane

namademo-ni akhe bayizitha zabantu eziyingozi. Ba-namandla okuthonya izingqondo nokuphi-la kwabantu, futhi esikhathini esidlule ba-kwazile nokungena kubantu nasezilwaneni. (Mathewu 12:43-45) Nakuba kungafanele si-cabange ukuthi mancane amandla abo, aku-fanele futhi siwakhulise ngokweqile.

7USathane ungumpetha wokukhohlisa.

Ukhohlisa abantu bacabange ukuthi una-mandla angaphezu kwalawo anawo ngempe-la. Nasi isibonelo: Muva nje lapho kulwiwa kwelinye izwe e-Afrika, amasosha asebenzisa imishini yokukhulisa umsindo ukuze ethu-se izitha zawo. Ngaphambi kokuba ahlaethu-se- ahlase-le, amasosha ayedlala imisindo eqoshiwe yo-kuqhuma okukhulu kombayimbayi nezibha-mu. Ayefuna isitha sicabange ukuthi sihlase-lwa ibutho elinezikhali eziningi ezinamandla.

6. Yini uSathane namademoni akhe abayenzile esi-khathini esidlule, futhi kufanele siwabheke kanjani amandla abo?

7. Yini uSathane afuna siyikholelwe, futhi yisiphi isibonelo salokhu?

Ngendlela efanayo, uSathane ufuna abantu bakholelwe ukuthi unamandla angenam-khawulo. Injongo yakhe ukwesabisa abantu bese benza intando yakhe hhayi intando ka-Jehova. Manje ake sicabangele amanga ama-thathu uSathane afuna abantu bawakhole-lwe.

8Nawa amanga okuqala uSathane

awa-bhebhethekisayo: Ayikho into embi ezenza-kalelayo; yonke into embi engabangelwa mu-ntu ngokuqondile ibangelwa amandla emi-moya. Ngokwesibonelo, ake sithi ingane ibu-lawa umalaleveva. Kungenzeka unina uya-zi ukuthi umalaleveva isifo esithwalwa omi-yane. Kodwa angase akholelwe nawukuthi kunomuntu othakathe ingane yakhe ngoku-thumela umiyane ukuba uyilume.

9Yize uSathane enamandla okudala

izi-nkinga ezithile, kuyiphutha ukukholelwa ukuthi unamandla okudala zonke izinkinga. IBhayibheli lithi: “Ukuphumelela umncinti-swano akuyi ngabanejubane, noma impi nga-banamandla, noma ukudla ngabahlakani-phileyo noma ingcebo ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngo-ba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Umgi-jimi emncintiswaneni angase abe nejubane kunabanye, kodwa angaphumeleli. Angase ehlulwe ngenxa ‘yesenzakalo esingalindeleki-le.’ Angase aqhuzuke awe, agule noma enye-le. Lezi zinto zingehlela noma ubani. Aziba-ngelwa ngempela uSathane noma ubuthaka-thi; zimane zenzeke nje.

10Nawa amanga esibili uSathane

awabhe-bhethekisayo: Abathakathi bashiya imizi-mba yabo bahambe ebusuku bayohlangana nabanye abathakathi noma bayobulala aba-ntu. Ake uzibuze-ke: ‘Uma abathakathi be-kwazi ukwenza lokho, yini ngempela le

ephu-8. Yimaphi amanga okuqala abhebhethekiswa uSa-thane?

9. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uSathane akabangeli zonke izinkinga?

10. Kuthiwa abathakathi benzani, futhi sazi kanja-ni ukuthi kungamanga lokhu?

Abathakathi abakwazi ukushiya imizimba yabo

(17)

mayo ishiye umzimba?’ Njengoba sesiboni-le, umphefumulo unguye umuntu, awuyona into ethile ekwazi ukuphuma kumuntu. Ka-nti okunye ukuthi umoya ungamandla oku-phila anikeza umzimba amandla, kodwa ayi-kho into okwazi ukuyenza ngaphandle ko-mzimba.

11Umphefumulo noma umoya ngeke

ukwazi ukushiya umzimba uyokwenza noma yini, enhle noma embi. Ngakho abathaka-thi ngeke bakwazi ukushiya imizimba yabo. Abazenzi ngempela izinto abathi bayazenza noma abacabanga ukuthi bazenzile.

12Basuke bezithathaphi pho izindaba

aba-zixoxayo labo ababethakatha? USathane angenza abantu bakholelwe ukuthi kwenze-ke kubo izinto ezingazange zenzekwenze-ke. Esebe-nzisa imibono, uSathane angenza abantu ba-cabange ukuthi kunezinto abazibonile, bazi-zwa, futhi bazenza kube kungenjalo. Ngokwe-nza kanjalo, uSathane usuke enethemba lo-kwenza abantu bashiye uJehova futhi baca-bange ukuthi iBhayibheli linephutha.

11. Sazi kanjani ukuthi abathakathi abakwazi ukushiya imizimba yabo, futhi ingabe

wena uyakukholelwa lokhu? 12. USathane ubenza kanjani aba-ntu bakholelwe ukuthi benze izi-nto abangazenzanga?

13Nawa amanga esithathu: Umlingo

we-zinhlanhla—umlingo owenzelwa ukuvimba amashwa—ulungile. IBhayibheli alenzi me-hluko phakathi komlingo wamashwa nowezi-nhlanhla. Liyayilahla yonke imilingo. Caba-nga ngemithetho uJehova ayinika isizwe sa-kwa-Israyeli ephathelene nemilingo nababe-yenza:

˘ “Ningayenzi imilingo.”—Levitikusi 19:26. ˘ “Ngokuqondene nendoda noma owesifa-zane oba nomoya osebenza ngabantu noma umoya wokubikezela, kufanele babulawe na-kanjani.”—Levitikusi 20:27.

˘ “Akufanele kutholakale kuwe . . . owe-nza umlingo nanoma ubani ofuna amabi-ka noma umthaamabi-kathi, noma ophonsa aba-nye ngeziphonso noma obuza konemimoya.” —Duteronomi 18:10-14.

13. (a) Ingabe umlingo wezinhlanhla ulungile? (b) Ithini imiBhalo ngemilingo?

Ngezinye izikhathi izinto ezimbi zimane zenzeke nje

(18)

14Le mithetho yakwenza kwacaca ukuthi

uNkulunkulu wayengafuni ukuba abantu bakhe benze imilingo. UJehova wanika aba-ntu bakhe le mithetho ngoba wayebathanda futhi engafuni bagqilazwe ukwesaba noku-kholelwa ezeni. Wayengafuni bacindezelwe amademoni.

15Nakuba iBhayibheli linganingilizi

nga-lokho amademoni akwazi ukukwenza na-ngakwazi, liyabonisa ukuthi uJehova uNku-lunkulu unamandla kakhulu kunoSathane namademoni akhe. UJehova wenza ukuba uSathane axoshwe ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Phawula nokuthi uSathane wacela imvu-me yokuvivinya uJobe futhi wasilalela isi-xwayiso sikaNkulunkulu sokuba angambu-lali uJobe.—Jobe 2:4-6.

16IzAga 18:10 zithi: “Igama likaJehova

li-ngumbhoshongo oqinile. Olungileyo ugijime-la kuwo athole isivikelo.” Ngakho kufanele sithembele kuJehova ukuze sithole isivike-lo. Izinceku zikaNkulunkulu azithembeli ezi-ntelezini nasemakhubalweni ukuze zivikele-ke ezenzweni ezimbi zikaSathane namade-moni, futhi azizesabi iziphonso zabathaka-thi. Izinceku zikaNkulunkulu zikholelwa yi-lokho iBhayibheli elikushoyo: “Ngokuqonde-ne noJehova, amehlo akhe aqalaza kuwo wo-nke umhlaba ukuze abonise izikhwepha za-khe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.

17Nawe ungaqiniseka ngalokhu uma

ukhonza uJehova. UJakobe 4:7 uthi: “Nga-kho-ke, zithobeni kuNkulunkulu; kodwa me-lanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.” Uma ukhonza uNkulunkulu weqiniso, uzi-thoba kuye, ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokuvikela.

14. Kungani uJehova abeka imithetho emelene ne-milingo?

15. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJehova unamandla kakhulu kunoSathane?

16. Kufanele sithembele kubani ukuze sithole isivi-kelo?

17. UJakobe 4:7 usiqinisekisa ngani, kodwa yini okumelwe siyenze?

Ingabe Abathakathi

Bangawusebenzisa

Umphezulu?

Ekuqaleni kuka-1977, abantu abangu-14 ababenukwa ngokuthi bangabathakathi bashiswa baze bafa eduze kwasePieters-burg, eNingizimu Afrika. Uphawula ngalo-khu, umagazini i-Drum wathi: “Amadoda nabesifazane bendawo bagajwe ukwesaba. Besaba ukuthakathwa nokushaywa umphe-zulu . . .

“Kumelwe kube nokwenziwayo . . . Nga-kho i-DRUM iphonsela zonke izinyanga le nselele: Kuno-R5 000 onilindile emahhovisi ethu uma phakathi nalo March 1977 noma ubani kini engashaya uStanley Motjuwadi ngomphezulu afe. Uma nehluleka, bonke abantu mabazi ukuthi ukuzishaya kwenu abakwaziyo ukusebenzisa umphezulu ku-wumbhedo, imbudane uqobo lwayo.

“Nina bathakathi ndini, qalani ukubilisa ogalaza benu. Soke sibone phela.”

Abathakathi bakwazi yini ukuphendula le nselele ngokuthumela umphezulu? Cha abakwazanga. UMnu. Motjuwadi, umlobe-li we-Drum, akehlelwanga yilutho futhi izi-nto zamhambela kahle, wagcina esingum-hleli walowo magazini.

Ibhokisi: Umlobi waseNingizimu Afrika wabapho-nsela kanjani inselele abathakathi, futhi waba yini umphumela?

(19)

“N

GENANI ngesango elincane,” kusho uJesu, “ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, futhi baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, futhi bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:13, 14) Ngokusho kweZwi likaNkulunkulu, kunezi-nhlobo ezimbili kuphela zenkolo: eyodwa eye-qiniso enye eyamanga; eyodwa ilungile enye ayilungile; eyodwa iholela ekuphileni enye iholela ekubhujisweni.

2Abanye abantu bacabanga ukuthi zonke

izinkolo ziyamjabulisa uNkulunkulu. Ama-vesi eBhayibheli alandelayo abonisa ukuthi akunjalo:

˘ “Abantwana bakwa-Israyeli baphinda be-nza okubi emehlweni kaJehova, bakhobe-nza oBhali nemifanekiso ka-Ashitoreti nonkulu-nkulu baseSiriya nononkulu-nkulunonkulu-nkulu baseSidoni nonkulunkulu bakwaMowabi nonkulunku-lu babantwana bakwa-Amoni nonkunonkulunku-lunkunonkulunku-lu bamaFilisti. Ngakho bamshiya uJehova ba-ngamkhonza. Khona-ke intukuthelo kaJeho-va yamvuthela u-Israyeli.” (AbAhluleli 10:6, 7) Uma sikhulekela izithombe noma omunye unkulunkulu ngaphandle kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova ngeke asamukele.

˘ “Lesi sizwe singidumisa ngezindebe [mina Nkulunkulu], kodwa izinhliziyo zaso zi-kude nami. Siqhubeka singikhulekela nge-ze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njenge-zimfundiso.” (Marku 7:6, 7) Uma abantu aba-thi bakhulekela uNkulunkulu befundisa imi-bono yabo esikhundleni salokho okufundi-swa iBhayibheli, ukukhulekela kwabo kuyi-ze. UNkulunkulu akakwamukeli.

1. Ngokusho kweZwi likaNkulunkulu, yiziphi izi-nhlobo ezimbili kuphela zenkolo?

2. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi akuzona zonke izinkolo ezijabulisa uNkulunkulu?

˘ “UNkulunkulu unguMoya, futhi abam-khulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhulekela kwethu kumelwe kuvumelane neqiniso leZwi likaNkulunkulu.

Izithelo Zenkolo Yamanga

3Singabona kanjani ukuthi inkolo ethile

iyamjabulisa uNkulunkulu noma cha? UJe-su wathi: “Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izi-thelo ezingenamsebenzi . . . Khona-ke, nge-mpela labo bantu niyobazi ngezithelo zabo.” Ngamanye amazwi, uma inkolo ethile ivela kuNkulunkulu iyoveza okuhle; kodwa uma ivela kuSathane iyoveza okubi.—Mathewu 7: 15-20.

4Inkolo yeqiniso iveza abantu

abanotha-ndo phakathi kwabo nababonisa abanye uthando. Lokhu kungenxa yokuthi uJeho-va ngokwakhe unguNkulunkulu onothando. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninotha-ndo phakathi kwenu.” Izinkolo ziyayifinyele-la yini le ndinganiso yokukhulekeziyayifinyele-la kweqi-niso?—Johane 13:35; Luka 10:27; 1 Johane 4:8.

5Cabanga ngokuhweba ngezigqila

kwase-Afr ika. I-New Encyclopædia Britannica ithi: “Babalelwa ku-18 000 000 abantu abaNsundu abathathwa amaSulumane nqamulisa iSahara ne-Indian Ocean aba-thengisa njengezigqila phakathi kuka-650 no-1905. Engxenyeni yesibili yekhu-lu le-15 abeLungu baqala ukuhweba ogwini

3. Iyiphi indlela esingahlukanisa ngayo inkolo yeqi-niso kweyamanga?

4. Iyiphi imfanelo eboniswa abakhulekeli bakaJe-hova?

5. Enye i-encyclopedia ikuchaza kanjani ukuhweba ngezigqila e-Afrika?

6

Ingabe UNkulunkulu

(20)

olusentshonalanga ye-Afrika, ngo-1867 kwa-se kuthunyelwe ngemikhumbi abaNsundu abaphakathi kuka-7 000 000 no-10 000 000 njengezigqila bayiswa eNtshonalanga Nenka-bazwe.”

6Yathatha luphi uhlangothi inkolo

phaka-thi nalesi sikhaphaka-thi sesiyaluyalu e-Afrika la-pho abesilisa, abesifazane nezingane behlu-kaniswa nemizi yabo nemikhaya yabo, bebo-shwa ngamaketanga, begxivizwa ngezinsimbi ezishisayo, bethengwa futhi bethengiswa nje-ngezinkomo? UBethwell Ogot uyabhala kuyi-Daily Nation yaseNairobi, eKenya: “Kokubili ubuKristu nobuSulumane bukholelwa uku-thi isintu simunye, kodwa kokubili kwasu-ngula imiphakathi enezigqila egcwele uba-ndlululo. . . . Kufanele silivume icala lama-Sulumane namaKristu, labaseNtshonalanga nabaseMpumalanga Ephakathi, nokungabi nanembeza okwaholela ekuhluphekeni oku-khulu kwabantu abaNsundu amaoku-khulu emi-nyaka.”

6. Yayihileleke kanjani inkolo ekuhwebeni ngezi-gqila?

Inkolo Nempi

7Inkolo yamanga iye yazibonisa

nangezi-nye izindlela izithelo zayo ezibolile. Ngokwe-sibonelo, nakuba iBhayibheli lithi ‘thanda umakhelwane wakho,’ abaholi benkolo em-hlabeni wonke baye bayisekela futhi bayigqu-gquzela ngentshiseko impi.—Mathewu 22:39.

8Kwaziwa kahle ukuthi ngo-1994, ezinye

izindela nabapristi baba nesandla ekubula-weni kwabantu eRwanda. Inkolo iye yaba ne-ngxenye enkulu nakwezinye izimpi zase-Afri-ka. Ngokwesibonelo, empini yombango eya-chitha igazi eliningi eNigeria, izinkolo zanhla-ngothi zombili zakhuthaza abantu ukuba

7. Abaholi benkolo baye bafeza yiphi indima empini?

8. (a) Abaholi benkolo bakukhuthaza kanjani uku-bulala ezimpini zase-Afrika? (b) Omunye umfundisi wathini ngabaholi benkolo phakathi nempi yomba-ngo yaseNigeria?

Inkolo yamanga iye yaba nesandla ezimpini nasekuhwebeni ngezigqila

Blessing troops:Daily Times of Nigeria; child laborers:˘ Penny Tweedie/Panos Pictures; slave boat: Schomburg Center for Research in Black Culture/The New York Public Library/Astor, Lenox and Tilden Foundations

(21)

balwe. Njengoba leyo mpi yadonsa, omunye umfundisi wathi abaho-li benkolo base “bewu-beke eceleni umsebe-nzi abawunikwe uNku-lunkulu.” Wabuye wathi: “Thina esithi siyizikho-nzi zikaNkulunkulu se-siphenduke izikhonzi zi-kaSathane.”

9IBhayibheli lisho

okufanayo: “USathane ngokwakhe uqhubeka eziguqula ingelosi yoku-khanya. Ngakho-ke aku-yona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziqhu-beka ziziguqula izikho-nzi zokulunga.” (2 Kori-nte 11:14, 15) Njengoba nje abantu abaningi ababi bezenza abalungile, uSathane ukhohli-sa abantu ngezikhonzi ezibonakala zilungi-le kodwa imisebenzi yazo ibe imibi nezithelo zazo zibe zibolile.

10Emhlabeni wonke abaholi benkolo baye

bashumayela uthando, ukuthula nobuhle, kodwa bona baye balwa, benza nezenzo ezi-bonisa inzondo nokungamesabi uNkulunku-lu. IBhayibheli libachaza kahle. Lithi: “Bavu-ma obala ukuthi baya“Bavu-mazi uNkulunkulu, ko-dwa bayamphika ngemisebenzi yabo.”—Thi-thu 1:16.

Phumani ‘EBhabhiloni Elikhulu’

11Singakubona lokho uJehova

akucaba-ngayo ngenkolo yamanga ngokufunda incwa-di yeBhayibheli isAmbulo. Lapho, inkolo ya-manga ichazwe njengowesifazane ongoko-mfanekiso, “iBhabhiloni Elikhulu.” (IsAmbu-lo 17:5) Yizwa ukuthi uNkulunkulu umchaza kanjani:

9. Lithini iBhayibheli ngezikhonzi zikaSathane? 10. Abaholi benkolo baye bamphika ngayiphi indle-la uNkulunkulu?

11. IBhayibheli liyichaza kanjani inkolo yamanga?

˘ ‘Isifebe esikhulu amakhosi omhlaba afe-ba naso.’ (IsAmbulo 17:1, 2) Kunokuafe-ba ithe-mbeke kuNkulunkulu, inkolo yamanga igxa-mbukele kwezombusazwe, ngokuvamile itshela ohulumeni ukuthi benzeni.

˘ “Kwatholakala kulo igazi labaprofethi ne-labangcwele nelabo bonke abaye babulawa emhlabeni.” (IsAmbulo 18:24) Inkolo yamanga iye yashushisa futhi yabulala izinceku zika-Nkulunkulu ezithembekile futhi iye yaba ne-cala lokufa kwezigidi zabantu ezimpini.

˘ ‘Lazikhazimulisa futhi laphila ngokune-thezeka kokungabi namahloni.’ (IsAmbulo 18:7) Inkolo yamanga inengcebo eningi, aba-holi bayo abaphila ngayo ngokunethezeka.

˘ “Izizwe zonke zadukiswa ukusebenzelana [kwakhe] nemimoya.” (IsAmbulo 18:23) Nge-mfundiso yayo yamanga ethi umphefumulo awufi, inkolo yamanga yenze kwaba khona zonke izinhlobo zokusebenzelana nemimoya nokuloya futhi ibangele nokuba kwesatshwe abafileyo kukhulekelwe nabangasekho.

12Linikeza abantu isixwayiso

esinama-ndla sokuba bazehlukanise nenkolo yama-nga, iBhayibheli lithi: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamuke-la ingxenye yezinhlupho zalo.”—IsAmbulo 18: 4, 5.

13Maduze nje, iBhabhiloni Elikhulu,

umbuso wezwe wenkolo yamanga, lizobhuji-swa liphele nya. IBhayibheli lithi: “Zizofika ngalusuku lunye izinhlupho zalo, ukufa no-kulila nendlala, futhi liyoshiswa ngomlilo li-phele, ngoba uJehova uNkulunkulu, olahlu-lele, unamandla.” (IsAmbulo 18:8) Ukuze si-ngazitholi izinhlupho zalo, kumelwe sigqa-shule zonke izibopho esinazo nenkolo yama-nga, singahlanganyeli emikhubeni, emikho-sini, nasezinkolelweni ezingamjabulisi uNku-lunkulu. Kuyaphuthuma lokhu. Ukuphila kwethu kusengozini!—2 Korinte 6:14-18.

12. IBhayibheli linikeza siphi isixwayiso ngenkolo yamanga?

13. Kuyokwenzekani enkolweni yamanga nakulabo abakuyo?

(22)

U

KUZE sibe nobuhlobo obunemfuduma-lo nobunothando noNkulunkulu ku-melwe singazihlanganisi nhlobo nenkolo ya-manga. Kumelwe siqhube inkolo yeqiniso. Namuhla izigidi zabantu emhlabeni wonke ziyakwenza lokho.

2Njengoba iBhayibheli labikezela,

abakhu-lekeli beqiniso bakha “isixuku esikhulu” esi-phume “kuzo zonke izizwe nezinhlanga na-bantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Emazwe-ni angu-235 oFakazi BakaJehova abayizigidi bamatasa ekusizeni abanye bafunde ngezi-ndlela nezimfuneko zikaJehova zothando.

Ukubona Abakhulekeli Beqiniso

3OFakazi bayaqaphela ukuthi nguJehova

kuphela ofanelwe ukukhulekelwa. Bayenqa-ba ukukhothamela izithombe noma imifa-nekiso yenkolo. (1 Johane 5:21) Ababahloni-phi abafileyo ngokuya emilindelweni noma kweminye imisebenzi ekhuthaza izinkolelo zenkolo yamanga “nezimfundiso zamademo-ni.” (1 Thimothewu 4:1) Nokho, abashonelwe bona bayabaduduza ngokubachazela isithe-mbiso sikaNkulunkulu sokuthi abafileyo ba-yovuselwa emhlabeni oyipharadesi.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

4OFakazi abayenzi imilingo, abaloyi

fu-thi abathakafu-thi, ngoba bayazi ukufu-thi lezi zinto zivela kuDeveli. Abathembeli ekuvike-lweni imilingo—bathembela kuJehova.—IzA-ga 18:10.

5UJesu wathi abafundi bakhe

‘babenge-ke babe ingxenye yezwe.’ (Johane 17:16)

Kwa-1. Yini okumelwe siyenze ukuze sithokozise uNku-lunkulu?

2. Bangatholakalaphi oFakazi BakaJehova, futhi uyini umsebenzi wabo?

3. OFakazi bakhulekela bani, futhi yiziphi izinhlo-bo zokukhulekela abazigwemayo?

4. Uyini umbono wabantu bakaNkulunkulu ngo-mlingo?

5. Kungayiphi indlela oFakazi BakaJehova ‘benge-yona ingxenye yezwe’?

yena uJesu wenqaba ukuhlanganyela kwe-zombangazwe zosuku lwakhe. (Johane 6: 15) OFakazi nabo abahlanganyeli kwezomba-ngazwe, kwezobuzwe, nasekubangeni izikhu-ndla kuleli zwe. Kodwa izintela zona ba-yazikhokha futhi bayayilalela imithetho ye-zwe abahlala kulo.—Johane 15:19; Roma 13: 1, 7.

6Ngenxa yokuthi bayasilalela isiqondiso

sikahulumeni, oFakazi bayaqikelela uku-thi imishado yabo ibhaliswe ngokomthetho. (Thithu 3:1) Balalela isiqondiso sikaNkulu-nkulu futhi ngenxa yalokho abasithathi isi-thembu. (1 Thimothewu 3:2) Ngaphezu kwa-lokho, akuvamile ukuba imishado yezinceku zikaNkulunkulu iqedwe isehlukaniso ngoba zisebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwazo.

7OFakazi bayathandana. Lokhu

kutha-ndana, kanye nokuthanda kwabo uNkulu-nkulu, kuyababopha bakhe ubuzalwane be-qiniso nakuba bevela ezizweni eziningi ezi-ncane nezinkulu. Lapho kuvela izinhlekelele noma kuphakama izikhathi zokuswela, oFa-kazi basukumela phezulu basizane. OFaoFa-kazi babonisa uthando ngendlela abaphila ngayo. —Johane 13:35.

8Abantu bakaJehova bayazikhandla

uku-ze baphile ngokwethembeka nangobuqo-tho. Bayakugwema ukweba, ukuqamba ama-nga, ukuziphatha okubi, ukudakwa nemi-khuba yokungathembeki ebhizinisini. Ama-doda awabashayi omkawo. Ngesikhathi be-ngakabi oFakazi, abanye babezenza lezi zinto kodwa ngosizo lukaJehova baziyeka. ‘Bage-zwa bahlanzeka’ kuNkulunkulu.—1 Korinte 6:9-11.

6. Yiziphi iziqondiso ezilandelwa izinceku zikaNku-lunkulu ngomshado nesehlukaniso?

7. OFakazi balubonisana kanjani uthando? 8. Yimiphi imikhuba emibi abantu bakaNkulunku-lu abayigwemayo?

(23)

OFakazi BakaJehova banobunye ebuzalwaneni bomhlaba wonke

(24)

Abenzi Bentando KaNkulunkulu

9Izinkolo eziningi zithi zineqiniso. Lokhu

ezikushoyo zingase zikusekele ngokukho-mba imisebenzi emikhulu. Ngokwesibone-lo, mayelana namasonto okuthiwa awomo-ya e-Afrika, incwadi ethile ithi: “Umsebe-nzi wome“Umsebe-nzi wemilingo noma inyanga usu-thathwe [amaqembu amasha amaKristu]. . . . Athi anikeza izibikezelo enze nezimanga-liso. Abaprofethi bawo babona imibono ba-chaze namaphupho. Basebenzisa iziwasho, amafutha angcwele, umlotha, amakhandlela nempepho ukuze belaphe futhi bagomele izi-fo.”

10Amalungu alezi zinkolo athi

izimanga-liso zifakazela ukuthi uNkulunkulu uyayi-busisa inkolo yawo. Kodwa lokho okuthiwa kuyizimangaliso akufakazeli ukuthi uJeho-va uyayamukela inkolo ethile. USathane uni-ka abakhulekeli bamanga abathile amandla okwenza “imisebenzi yamandla.” (2 Thesalo-nika 2:9) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli la-bikezela ukuthi izipho ezivela kuNkulunku-lu zokwenza izimangaliso, njengokuprofetha, ukukhuluma ngezilimi nolwazi olukhetheki-le, ‘zaziyoqedwa.’—1 Korinte 13:8.

11UJesu waxwayisa: “Akuyena wonke

umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena embusweni wamazulu, kodwa lowo owenza intando kaBaba osemazulwini uyongena. Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nko-si, Nko‘Nko-si, asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni la-kho?’ Kodwa nokho ngiyovuma kubo ngale-so sikhathi ngithi: Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina benzi bokungemthetho.”—Mathe-wu 7:21-23.

12Obani-ke abayongena eMbusweni

wa-mazulu? Yilabo abenza intando kaJehova.

9. Incwadi ethile yathini ngamasonto omoya ase-Afrika?

10, 11. Kungani lokho okuthiwa izimangaliso na-muhla kungabonisi ukuthi inkolo ethile ivela ku-Nkulunkulu?

12. Obani abayongena eMbusweni wamazulu?

Abashumayeli BoMbuso KaNkulunkulu

13Iyini intando kaNkulunkulu ngabantu

bakhe namuhla? UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabe-ni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezi-zweni zonke.” (Mathewu 24:14) Lona umsebe-nzi oFakazi BakaJehova abawenza ngentshi-seko.

14Kuwo ‘wonke umhlaba owakhiwe,’

oFa-kazi BakaJehova bamemezela ukuthi uMbu-so kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwi-ni oyobusa umhlaba wonke ngokulunga. Ba-fundisa ukuthi uJehova umise uKristu Jesu njengeNkosi yalowo Mbuso, kanye nayobusa nabo abangu-144 000 abakhethwe kubantu. —Daniyeli 7:14, 18; IsAmbulo 14:1, 4.

15Besebenzisa iBhayibheli, oFakazi

babo-nisa abantu ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa sonke isimiso sikaSathane. Iyo-be ingasekho inkolo yamanga nezimfundiso zayo ezihlazisa uNkulunkulu zikhazimulise uDeveli! (IsAmbulo 18:8) Bayobe bengasekho nabo bonke ohulumeni babantu abamelene noNkulunkulu!—Daniyeli 2:44.

16Ngaphezu kwalokho, oFakazi

BakaJeho-va benza kwaziwe ukuthi uKristu Jesu uyoba-lethela izinzuzo ezinhle kakhulu bonke abe-nza lokho uNkulunkulu akufunayo. Bayoba izikhonzi zakhe emhlabeni. IBhayibheli liya-thembisa: ‘Uyokhulula ompofu okhalela usi-zo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyohawukela ophansi nompofu, imiphefumu-lo yabampofu uyoyisindisa.’—IHubo 72:12, 13.

17Alikho elinye iqembu labantu elenza

inta-ndo kaNkulunkulu ngokushumayela izinda-ba ezinhle zoMbuso. OFakazi BakaJehova ku-phela abazisa abanye ngoMbuso kaNkulu-nkulu kuwo wonke umhlaba.

13. Imuphi umsebenzi uNkulunkulu ayala abantu bakhe ukuba bawenze namuhla, futhi obani abawe-nzayo?

14. Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi obani aba-yobusa kulo Mbuso?

15. Uyobhubhisani uMbuso?

16. Obani abayoba izikhonzi zikaKristu Jesu, futhi bayohlalaphi?

17. Obani abawukuphela kwabantu abamemezela uMbuso kaNkulunkulu?

(25)

U

JESU wathi: “Ongekho ngasohlangothi-ni lwami umelene nami.” (Mathewu 12: 30) Kuphakathi kokuthi sisohlangothini lu-kaJehova noma lukaSathane. Abantu aba-ningi bacabanga ukuthi bakhonza uNkulu-nkulu ngendlela ayamukelayo, kodwa iBhayi-bheli lithi uSathane ‘udukisa umhlaba wo-nke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) Izigidi zaba-ntu zicabanga ukuthi zikhulekela uNkulu-nkulu, kodwa empeleni zikhonza uSathane uDeveli! Abantu namuhla kufanele bakhe-the: Kumelwe bakhonze uJehova, ‘uNkulu-nkulu weqiniso,’ noma uSathane, ‘uyise wa-manga.’—IHubo 31:5; Johane 8:44.

Gqashula Enkolweni Yamanga

2Ukwenza isinqumo sokukhonza

uJeho-va kuwukukhetha okuhlakaniphile, okwe-nza uNkulunkulu akwamukele. Kodwa uSa-thane akajabuli ngomuntu okhonza uNkulu-nkulu; uyabahlupha labo abakhonza uNku-lunkulu. Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukwenza abanye bakuhleke usulu noma ba-kuphikise, ngisho nabangane bakho noma abakini. UJesu waxwayisa: “Ngempela, izi-tha zomuntu kuyoba abantu bendlu yaku-bo.”—Mathewu 10:36.

3Uyokwenzenjani uma lokhu kwenzeka

kuwe? Abantu abaningi bayazi ukuthi indle-la yabo yokukhulekeindle-la ayilungile, kodwa ba-madolonzima ukuyiyeka. Bacabanga uku-thi bayobe bengathembeki kwabakubo uma

1. Ngokuqondene nokukhulekela, yikuphi ukukhe-tha okufanele abantu bakwenze namuhla?

2. Iyiphi enye indlela uSathane azama ukuvimba ngayo abantu ukuba bakhulekele uJehova? 3. Uyokwenzenjani uma abakini noma abanga-ne bakho bephikisa ukukhulekela kwakho uNkulu-nkulu?

8

Shiya Inkolo Yamanga;

Ngena Enkolweni Yeqiniso

Izimfundiso Zenkolo

—Eziyiqiniso Nezingamanga

˘ UZiqu-zintathu: Izinkolo eziningi zifu-ndisa ukuthi uNkulunkulu unguZiqu-zintathu. Zithi “uNkulunkulu uYise, uNkulunkulu iNdo-dana [uJesu], noNkulunkulu uMoya Ongcwele, kodwa ababathathu oNkulunkulu, uyedwa.”

IBhayibheli alikhulumi nanokukhuluma nge-gama elithi “Ziqu-zintathu,” futhi alifundisi no-kuthi uJehova ungabantu abathathu koyedwa. UJehova yedwa onguNkulunkulu. Eyoku-1 Ko-rinte 8:6 ithi: “Empeleni kithi kukhona uNku-lunkulu oyedwa uBaba.” UJehova ungoPhezu-konke. UJesu akayena uNkulunkulu kodwa “uyiNdodana kaNkulunkulu.” (1 Johane 4:15) Umoya ongcwele nawo awuyena uNkulunkulu. Umoya ongcwele awuyena ngisho nomuntu. Ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo.—IzE-nzo 1:8; Efesu 5:18.

˘ Umphefumulo: Izinkolo eziningi zifu-ndisa ukuthi umphefumulo uyinto ethile enga-phakathi kumuntu engasoze yafa. IBhayibheli lifundisa ukuthi umphefumulounguye umu-ntu, futhi-ke umuntu uyafa.—Genesise 2:7; He-zekeli 18:4.

˘ Isihogo Somlilo: Izinkolo zamanga zifu-ndisa ukuthi imiphefumulo yababi ihlushwa phakade esihogweni. IBhayibheli lithi abafileyo “abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) IBhayibheli lifundisa nokuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UJehova, uNkulunkulu onotha-ndo, akasoze ahlupha abantu emlilweni.

Ibhokisi: IBhayibheli lifundisani ngoZiqu-zinta-thu, umphefumulo, nesihogo somlilo?

(26)

Ungakuqhuba kanjani ukukhulekela kweqiniso?

(27)

benza kanjalo. Ingabe kunengqondo lokho? Ukube ubungezwa ukuthi abantu bakini osondelene nabo basebenzisa izidakamizwa eziyingozi, ubungeke yini ubaxwayise ngo-kuthi zizobalimaza? Ubungeke uhlanganyele nabo ekusebenziseni lezo zidakamizwa, aku-njalo?

4UJoshuwa wakhuthaza ama-Israyeli

ukuba ayeke imikhuba yenkolo namasiko angalungile okhokho bawo. Wathi: ‘Manje ye-sabani uJehova nimkhonze ngokungabi na-phutha nangeqiniso, nisuse onkulunkulu okhokho benu ababebakhonza ngapheshe-ya koMfula naseGibhithe, nikhonze uJeho-va.’ (Joshuwa 24:14) UJoshuwa wayethembe-kile kuNkulunkulu futhi uJehova wambusi-sa. Uma sithembekile kuJehova, nathi uyosi-busisa.—2 Samuweli 22:26.

Lahla Izinto Ezisetshenziselwa

Ukukhulekela Kwamanga

5Ukugqashula enkolweni yamanga kusho

nokuthi kufanele silahle noma yiziphi izinto zemilingo okungenzeka sinazo njengezintele-zi, izigqizo, izindandatho namasongo, no-kunye. Lokhu kubalulekile ngoba kubonisa ukuthi sithembela ngokugcwele kuJehova.

6Cabanga ngalokho amanye amaKristu

okuqala akwenza lapho esenqume ukunge-na enkolweni yeqiniso. IBhayibheli lithi: “Abaningana impela kulabo ababenza ubuci-ko bemilingo babuthela izincwadi zabo nda-wonye bazishisa phambi kwawo wonke umu-ntu.”—IzEnzo 19:19.

7Abanye abaqala ukukhonza uJehova

abebethakatha noma benza imilingo ba-ngase bahlushwe amademoni. Uma kwenze-ka kuwe lokho, thandaza kuJehova ngo-kuzwakalayo ubize igama lakhe. Uyokusiza. —IzAga 18:10; Jakobe 4:7.

4. UJoshuwa wathini kuma-Israyeli mayelana no-kukhulekela kosuku lwakhe?

5. Kungani kufanele silahle izinto zemilingo? 6. AmaKristu okuqala enzani ngezincwadi zawo ze-milingo?

7. Yini esingayenza uma amademoni esihlupha?

8Labo abafisa ukukhonza uJehova

aku-fanele babe nesithombe, isithixo noma umfa-nekiso wokukhulekela kwamanga noma bawusebenzise. AmaKristu eqiniso ‘aha-mba ngokholo, hhayi ngokubona.’ (2 Kori-nte 5:7) Ayawuhlonipha umthetho kaNkulu-nkulu onqabela ukusetshenziswa kwanoma yisiphi isithombe ekukhulekeleni.—Eksodu-si 20:4, 5.

Zihlanganise Nabantu BakaJehova

9IBhayibheli lithi: “Ohamba

nabahlakani-phile uyohlakanipha.” (IzAga 13:20) Uma sifu-na ukuhlakanipha kufanele sihambe noFa-kazi BakaJehova noma sizihlanganise nabo. Yibona bantu abahamba endleleni eholela ekuphileni.—Mathewu 7:14.

10OFakazi bayabakhathalela ngempela

abantu. Umsebenzi wabo ukusiza abanhlizi-yo ziqotho baqonde amaqiniso eBhayibheli aholela ekuphileni okuphakade. Bangakusi-za ngokutadisha iBhayibheli nawe, mahha-la. Bayophendula imibuzo yakho bakuboni-se nokuthi ungalubakuboni-sebenzisa kanjani ulwa-zi lweBhayibheli ekuphileni kwakho.—Joha-ne 17:3.

11Emihlanganweni yabo, evame ukuba

se-Hholo LoMbuso, uyofunda okuningi ngezi-ndlela zikaJehova. Isifiso sakho sokuqhuba inkolo yeqiniso siyokhula nakakhulu. Uyoqe-qeshelwa nokuthi ungabasiza kanjani aba-nye bafunde amaqiniso eBhayibheli.—Hebe-ru 10:24, 25.

12Njengoba uyobe ufunda okwengeziwe

ngentando kaJehova nenjongo yakhe, cishe ukuqonda kwakho izindlela zakhe zothando kuyojula. Kufanele sikhule nesifiso sakho

8. AmaKristu azibheka kanjani izithombe, izithixo nemifanekiso esetshenziswa ekukhulekeleni kwa-manga?

9. Yisiphi iseluleko iBhayibheli elisinikezayo ngo-kuba ohlakaniphile?

10. OFakazi BakaJehova bangakusiza kanjani uku-ba ukhonze uNkulunkulu?

11. Iyokusiza kanjani imihlangano yobuKristu? 12. Umthandazo ungakusiza kanjani ukuba ukho-nze uNkulunkulu?

(28)

sokwenza okumjabulisayo nokugwema lo-kho okungamjabulisi. Khumbula ukuthi ungathandaza kuJehova umcele akusize we-nze okulungile futhi ugweme okungalungile. —1 Korinte 6:9, 10; Filipi 4:6.

13Ngemva kwesikhathi, njengoba uyobe

ukhula ngokomoya, akungabazeki ukuthi

13. Ungayenza kanjani inhliziyo kaJehova ijabule?

uyosibona isidingo sokuba uFakazi KaJeho-va ozinikezele futhi wabhapathizwa. Ngoku-ngena ezinhlwini zabantu bakaJehova, uyo-kwenza inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 27: 11) Uyoba phakathi kwabantu abathokoza-yo uNkulunkulu athi ngabo: “Ngiabathokoza-yohlala pha-kathi kwabo futhi ngihambe phapha-kathi kwa-bo, ngiyoba uNkulunkulu wakwa-bo, bona bayo-ba ngabayo-bantu bayo-bami.”—2 Korinte 6:16.

Ngagqashula

Emademonini

Kwathi ngobunye ubusuku ngilele embhedeni nomyeni wami, ngezwa izwi lingibiza kathathu. Ngabe sengibona uphahla luhlukana phakathi, kwaqathaka into enjengebho-la evuthayo yaweenjengebho-la esiswini sami. Umyeni wami wayenga-ziboni lezi zinto. Noma aye-ngaziboni, mina ngangizwa ukushisa okwadonsa izinya-nga eziniizinya-ngana.

Ngemva kwezinyanga eziyi-sithupha, izwi laphinda langi-biza. Khona manjalo ngabona sengathi yonke indlu icwile

emanzini ajulile. Kwaphuma inhlwathi emanzini yazithandela esandleni sami. Ngazama ngehlu-leka ukuyisusa. Ngangithuthumela. Abe esenya-malala amanzi nenhlwathi, ngabe sengiqimzeka phansi. Kwaphela amahora amaningi ngiquleki-le. Izwi labe selithi kimi mangibuyele esontweni langakithi elelapha ngomoya. Lapho ngiwubuza igama lawo lo moya, wangitshela igama elisho ukuthi “isicebi esingenangane.” Wangithembisa ukungicebisa ngamandla okwelapha.

Abantu abagulayo batheleka bephuma kude naseduze. Bengakafiki emzini wami, ngangiba-bona esibukweni sami esikhethekile. Kwakuthi lapho umuntu efika, sishayane ngezintende naye, bese ngembulelwa ngaso leso sikhathi ukuthi uphethwe yini noma unayiphi inkinga ka-nye nendlela yokumelapha. Umoya

wawungi-tshela nokuthi kufanele ba-khokhe malini abantu.

Kwakutheleka imali nezi-pho ngenxa yokuthi abantu babelapheka. Ngaba “isice-bi,” kodwa ngathola no-kuthi kusho uno-kuthini uku-thi “esingenangane.” Njalo nje lapho ngithola umntwa-na, kwakushona amelama-yo. Kwakungikhathaza ka-khulu lokhu. Phakathi nemi-nyaka engu-12 ngisebenzela lo moya, kwashona izingane zami eziyisithupha.

Ngaqala ukuthandaza ku-Nkulunkulu ngicela usizo. Ngathandaza ngokujulile. Langa limbe kwafika oFakazi BakaJehova emzini wami. Nakuba ngangijwaye-le ukubaxosha, ngangangijwaye-lelo langa nganquma ukuba-lalela. Ezingxoxweni esaba nazo, ngezwa ukuthi ngangisebenzela idemoni! Nganquma ukuyeka ukusebenzela imimoya.

Lapho ngiwutshela umoya ngesinqumo sami, wangikhuza. Kodwa ngathi: “Kuphelile okwami nawe.”

Ngazishisa zonke izinto engangibhula ngazo. Ngatadisha iBhayibheli noFakazi, ngaba inceku kaJehova, futhi ngabhapathizwa ngo-1973. Ma-nje nginezingane eziyisihlanu eziphile saka. No-´ myeni wami waba uFakazi obhapathiziwe.—Ila-ndiswa uJosephine Ikezu.

Ibhokisi: Inkosikazi ethile yagqashula kanjani emademonini?

(29)

U

JEHOVA uyabathanda abamkhonzayo. Uma ukhulekela uJehova, uyokubusisa manje nasesikhathini esizayo. IBhayibheli li-thi: ‘Sondela kuNkulunkulu, naye uyosonde-la kuwe.’—Jakobe 4:8.

2Ukuze usondele kuNkulunkulu kumelwe

utadishe iZwi lakhe futhi ukusebenzise lo-kho okufundayo. Uma uthandaza ngokuvu-melana nentando yakhe, uJehova uyoyizwa imithandazo yakho futhi ayiphendule. Um-phostoli uJohane ongumKristu wabhala: “Yi-lokhu ukuqiniseka esinakho [kuNkulunku-lu], ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa. Futhi, uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izi-nto esizicelile ngoba sizicele kuye.”—1 Joha-ne 5:14, 15.

3Ngaphezu kwalokho, lapho usondela

ku-Nkulunkulu, uyokunika ukuhlakanipha ko-kusingatha izindaba zokuphila zansuku zo-nke. IBhayibheli lithi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke eku-cela kuNkulunkulu.”—Jakobe 1:5.

4Kungakusiza kanjani ukuhlakanipha

okuvela kuNkulunkulu? Phakathi kokunye, kungakusiza ukuba wazi izinto ezicasula uJehova. Ungafunda nokuthi kungani lezi zi-nto zingalungile nokuthi yini ongayenza uku-ze ugweme ukuuku-zenza. Lolo lwazi

lungaku-1. Kuyokwenzekani uma ‘sisondela kuNkulunku-lu’?

2. Singasondela kanjani kuNkulunkulu, futhi lo-khu kuyoyithinta kanjani imithandazo yethu? 3-7. Singakuthola kanjani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, futhi kungasisiza kanjani?

vikela ezinkingeni eziningi ezikhathaza aba-ntu. Ngokwesibonelo, ukulalela iseluleko si-kaNkulunkulu sokuziphatha ngendlela ehla-nzekile kuvikela abantu bakaNkulunkulu ekukhulelweni bengafuni, ezifweni ezitha-thelwana ngobulili, nasemishadweni engena-njabulo noma echithekayo.

5Yini enye ukuhlakanipha okuvela

ku-Nkulunkulu okungakwenzela yona? Kunge-nza ukuphila kwakho kube nenjongo. Ku-ngakusiza wenze izinqumo ezihlakaniphi-le ezintweni ezithiezihlakaniphi-le, njengokuphatha imali. Uyokwazi ukuphishekela imigomo ezuzisayo futhi uyeke imigomo engenanzuzo.

6Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu

kungakusiza nasebudlelwaneni bakho naba-nye. Ungaba nomkhaya ojabula ngokwenge-ziwe. Ungakha ubungane beqiniso nobunga-pheli nabanye futhi ungase uhlonishwe ngi-sho nayilabo abangamkhonzi uNkulunkulu.

7Ngaphezu kwalokho, uma

unokuhlaka-nipha kukaNkulunkulu uyoba nombo-no ongconombo-no ngokuphila. Kuyokusiza ukwazi ukubhekana nobunzima ekuphileni nezinto ezidumazayo. Futhi uyoba nombono olinga-niselayo nomuhle ngekusasa. Umbono omu-hle wona uyothuthukisa impilo yakho engqo-ndweni nasemzimbeni.—IzAga 14:30; Isaya 48:17.

8Uma ukhonza uNkulunkulu weqiniso,

uyokhululeka ekwesabeni okukhathaza labo abangamkhonzi. Ngenxa yokuthi uya-zi uk ut hi abafileyo abaphili et huneni,

8. Yini ongeke uyesabe uma ukhonza uNkulu-nkulu?

9

Inkolo Yeqiniso

Ingakuzuzisa Kuze

Kube Phakade!

Referensi

Dokumen terkait

Kpwajiban mereka hanya melaksankan amar ma'ruf nah| munkar dan meninggalkan hal terlarang- Melaksanakan kewajiban dan meninggalkan larangan adalah dua hal yang tak

Berbagai penelitian telah dilakukan dalam upaya mengekstraksi selulosa dari rumput laut, diantaranya adalah penelitian yang dilakukan oleh Nurhayati dan Rinta (2014) tentang

Saya mengharapkan kesediaan Anda untuk dapat mengisinya sesuai dengan diri Anda, sebab dalam kuesioner ini tidak ada jawaban yang benar ataupun salah.. Saya

Secara operasional yang dimaksud dengan peranan Customer service dalam meningkatkan loyalitas nasabah penabung pada Bank Muamalat Indonesia Kantor Cabang Jember

Temperature-Responsive Fluorescence Polymer Probes with Accurate Thermally Controlled Cellular Uptakes.. ACS

Saya yakin dengan mempertahankan pendapat saya maka orang lain tidak akan menjatuhkan harga diri

[r]

MENINGKATKAN KEMAMPUAN MENGENAL KONSEP BILANGAN DENGAN MENGGUNAKAN MEDIA BARANG BEKAS PADA ANAK.