• Tidak ada hasil yang ditemukan

Lena yindaba kaDubazana kanye noMaZondi. Ithinta indikimba ubumuncu benhlalo yomphakathi oncishwe amalungelo ngesikhathi sokubusa kukaHulumeni wombuso wobandlululo eNingizimu Afrika. Indaba igxile ezigamekweni oDubazana noMaZondi kanye nezingane zabo uMakhosazana noNkosana abanqwamana nazo ngenxa yokuba ziqashi eNingizumu Afrika yobandlululo. UDubazana lona ungumhambuma osuphume ungena emajele uboshelwa ukwephula imithetho yezimvume zokuhlala emadolobheni. Kukaningi eboshwa eThekwini ephindiselwa

59

eFilidi lapho izincwadi zakhe ezimkhomba ukuthi wazalelwa khona. Nakhona lapha eFilidi babexoshwe epulazini eseyibhobhodleyana. Lokhu kwenza ukuthi kungacaci kahle hle ukuxhumana kwakhe nale ndawo, ngakho-ke zimbeka nje eFilidi ezakwadalawane abe ebamba izinto ezimphindisela khona eThekwini. Afikisane nazo ezikadalawane ebezimgodukisile.

Indaba-ke igxila ochungechungeni lwezigameko zomndeni kaDubazana uphuma ungena emiqashweni. UDubazana oyindoda eqotho newunakekelayo umndeni wayo uzithola esezinkingeni ezahlukene ngenxa yokweswela indawo yokuhlala ethi yena, laphaya elokishini laseMlazi. Umndeni kaDubazana uqale uxoshwe nguMaNcanana unkosikazi wakwaSilangwe ngoba kunezinsolo zokuthi uMaZondi useqome ubaba wekhaya. UMngadi umchaza kumfanele ngempela ukubangumame olungafakwa olubuya nodaka kuye lo MaNcanana, kanti noSilangwe umchaza njengesiyiko sendoda. abakwaDubazana baxoshwa bengasanikwangwa nethuba lokuhlela ukuthi baphuma bashonaphi. Baqutshiswa ekhishini nguMbonambi osebenza naye uDubazana othintwa ukubona isimo abakuso. Ekuthungatheni kwabo indawo bagcina beyozithela kuPhathaphatha umfo kaNyokana. Uchazwa afaniswe nayo ngempela-ke inyoka uNyokana lona. Ukufa kwezintaba okunguPhathaphatha lokhu kuhlala kodwa endlini yaselokishini emagumbi amane. Zibekwa nje uNyokana ubashayela imithetho eyephulwa uyena kuqala. Uyehluleka ukukhipha imali yokuhlanganisela okuya ngasethunjini. Kodwa kuwo lowo mnyama akasiminzi kuyafiwa! Indaba isiyoniwa wukuthi abakwaDubazana bapheke inyama yengulube angezwani nayo uNyokana lona. UNyokana uyaqanganisa asonge kube njeya. Lezi zinsongo zelanywa ukugulukudela kwezigebengu phakathi kwamabili ekamelweni eliqashe abakwaDubazana, zibashaye zibashiye zibendlulile. Okuxakayo wukuthi umninimuzi akazi nanyaka uma esebikelwa ngalesi sehlo.

Zelamana eduze izigameko ezikhomba ukuthi itshe limi ngothi enhlalweni yabakwaDubazana laphaya kwaNyokana. Igoda selize ligqabuka ngokufika kukaMaDuze ozibiza ngokuthi uyingoduso kaNyokana lona. UMaDuze uvalelwa ekamelweni cishe ngenhloso yokuthi angasondelani nangephutha noMaZondi.

UMaDuze lona usehlebela uMaZondi ngezigameko ezihlasimulisa umzimba

60

ezenziwa nguPhathaphatha lona. Uthi uPhathaphatha wamlutha ngamakhubalo maqede wambulalela indoda yakhe, waqeda lapho wangenela izimali ezazishiywe yindoda wazishaya wazibhuqa. Uxwayisa uMaZondi ukuthi akahlale ngokujeqeza ngoba lukhulu luyeza luyanyelela nakuye noDubazana. Esathuthumela enjalo uMaZondi usephinda ulunywa indlebe ngumame thize azithela kuye ezitolo omzekela ngetulo lokubulawa kukaDubazana elihlelwa nguNyokana. UMaZondi nezingane baphuma ngezamawuba, bathubeleze baze bayofinyelela kuDubazana emsebenzini. Kucace ukuthi akulalwe bume khona edolobheni lapho ngoba kungasekho ndlela yokubuyela emuva emqashweni. Kusa bacoshwe uMaMlambo wakwaMlangeni. Unesihe lo mame. Indaba isiqala ukusolisa ukuphindeka komphehlu kwabakwaDubazana uma sekufikwa kwaMlangeni. Kuhlaluka ukuthi umndeni wakwaMlangeni uwonke ungamashumi amane nantathu. Kulo mndeni ongangoZulu eya emakheni akukho namunye osebenzayo. Kucace khona-ke ukuthi amehlo athe njo kuDubazana noMaMsomi ukuthi bafake isandla ekutholweni kokuya ngasethunjini. Kucace zibekwa nokho ukuthi ucu alulingani, ngisho sebezama ngakho konke okusemandleni ngeke bakwazi ukondla la mashumi amane nantathu emilomo. Amadodakazi alapha ekhaya aqinisa ezinkambeni kunasemabhodweni.

Kucaca nokuthi amadodakazi kaMaMlambo afuna ukuzifikela mathupha kuDubazana. Ibamningi nemizamo yokudala uqhekeko phakathi kukaDubazana kanye noMaZondi. UDubazana uqatshulwa nangesitebhutebhu somlomo, ukuze kuhlabeke uMaZondi. Indaba yonakala okokugcina ngokufika kukaMaqhobozela Qumbisa. Uyinjinga eyondla ubhuzane lwakwaMlangeni ngotshwala, ngakho-ke akaconsi phansi. Uye lowaya esesho ukuqhobozela uMakhosazana. Ubhadanywa uMaZondi engakasigewuzi nokho isikhwebu. Ngobunhlenhle obukhulu icala lonke ulethwesa uMaZondi, esho nokusho ukuthi yena engowakwaQumbisa usinde ngokulambisa kumalokazana kaDubazana esesho ukumqhobozela. Kube ukuphela kwaso-ke isikhundla kwabakwaDubazana.

Ukusuka kwaMlangeni abakwaDubazana bathuthela emjondolo yaseBusani.

Umndeni kaDubazana ufika kule mjondolo ngesikhathi esibi sokungqubuzana kwezinhlangano zombusazwe. Ufika nje uvakashelwa yiqulu eliholwa uNjayiphume lizobabuza ukuthi bayiliphi. Emva kokunkwankwaza okuningi, uDubazana ugcina

61

ekhethe ukubamdibi munye nalo leli qembu. Batshelwa ngemithetho yakhona-ke.

Kunamakhempu aphoqiwe kanti futhi umthetho baziphathela bona lapha emjondolo, amaphoyisa awalubhadi lapha. Kunjalo nje akubikwa lutho olwenzeka kule ndawo kwabomthetho. Kungakapholi maseko uyasuka umshikashika wekhempu. Ubashiya bexhwalile abakwaDubazana ngokunukubezeka kwezingane zabo zombili.

Dukuduku kusuka isidumo sokubulawa kwentsha yakhona emphakathini ngoba isolwa ngokuthi ibonakale incokolisana nephoyisa. Kuhlaselwa nomphakathi waselokishini elakhelene nale mjondolo lapho uDubazana ephoqwa khona ukuthi abulale umuntu wesifazane. Inhloko ihlukana nesixhanti ngokuhlaselwa komndeni kaDubazana kuze kunukubezwe uMaZondi uqobo. Baphuma ngomnyama baze bayozilahla emagcekeni esonto.

Kulapha-ke lapho umndeni kaDubazana ocoshwa khona umndeni wakwaMpanza.

UMpanza uthinteka kakhulu yisimo abona umndeni kaDubazana ukuso.

AbakwaMpanza babacosha ukubacosha bayobafihla emzini wabo kanokusho khona elokishini laseMlazi. Babembulela nangokokwembatha njengoba befike beyizinhlwa uqobo. Indaba isiyoniwa ukuqhelelana phakathi kukaDubazana noMaZondi. Emva kokugetshengwa kukaMaZondi, uDubazana usenqena ngisho ukumthinta ngomunwe unina wezingane. Kuyawandisa-ke umunyu lokhu kuMaZondi osehlala eyizichitshana nje. Kubanhlanga zimuka nomoya noma bethi bayazama ukuphonsa itshe lokuchibiyela la mantwayintwayi abakwaMpanza. Emzamweni wokuchibiyela sekuze kubakhona ukujwayelana nokuzwana phakathi kukaMpanza kanye noMaZondi. Yikho lokhu kujwayelana osekuze kubawisela esonweni. Phezu kokuzishaya nokuzisola kubona bobabili, sekuqhamuka ungiyosho.

Kuwo lowo mnyama kuboshwa uDubazana ngendlela engaqondakali. Kutholakala izidakamizwa ezimpahleni azidayisa ngoba ezama ukwesekela umndeni wakhe.

Esaboshiwe uDubazana uyateta uMaZondi, igama lengane kuthiwe uMxolisi. Bathi uMxolisi ngoba bethi baxolisa ngesenzo sabo sokuwela esonweni. Lesi sigameko siyawuhlakaza umndeni kaMpanza, uMaDlamini aziphindelele kubo. Buchitheka bugayiwe sekutheleka uDubazana kungazelelwe phakathi kwamabili. Uyehluleka uMaZondi ukufihla ukuthi le ngane ayiphethe ekabani. UDubazana udinwa athelwe

62

ngamanzi, kusuke uthuli lwezichwe esezifikela mathupha kuMpanza. Kulokho kungqubulana kwezingqungqulu lugcina lugoba ngakuDubazana uphondo. UMpanza umhlala kabi ngobhongwana elekelelwa uye uMaZondi agcine ashone uDubazana.

Besadidizela ababone uNkosana. Bamthwale-ke uDubazana osewugodo bamfake emotweni ngomnyama bayomlahla ehlathini. Utholwa esabola ehlathini lapho.

Umndeni wakwaDubazana awuhlonizi ngokuthi unuka uMaZondi noMpanza ngokufa kukamfowabo. Kukhuzwa ubungqayingqayi abakwaDubazana sebengcwaba uMaZondi noMpanza bezwa.

Emva komngcwabo uMaZondi uphindela kubo. Nokho iyamxaka impilo yasemakhaya angasayejwayele nokwenza isihambisana nokukhonjwa ngenjumbana.

Ngakolunye uhlangothi uMpanza uzama ukuciciyela umndeni wakhe osunhlakanhlaka. Lapho sekungathi kubangcuba ngconywana, qathatha uMaZondi kwaMpanza. Uzocela ukutholelwa indawo yokufihla ikhanda kanye nomsebenzi.

Lizimuke ngokunye ikhanda lendoda. Isibhekene nengwadla yokusiza uMaZondi ukuze kusizakale nendodana yayo uMxolisi kanye nokuqoqa uMaDlamini kanye nezingane. Kukhona nokuzishaya kuMpanza noMaZondi asebekipitile ngesenzo sokubulala uDubazana. Inkinga nje ukuthi le eyokubulala ixoxeka ishetshwe namanga ngisho isivunywa phambi kukamfundisi. Selenyukile neqhaza eselibanjwe uMpanza noMaZondi emisebenzini yesonto kanye neyomphakathi ngakho belu ukuzishaya. Inkinga nje yiyo eyokuthi ingena ingenile imibiko ekhomba ubunhlakanhlaka bezingane zabo. UNkosana useyeke nesikole. UThabethule ulinyazelwa into engekho ngoba kusolwa ukuthi uthandana nengoduso yomuntu eyayihlala lapho abasebeqashe khona. UThabisile usekipitile ngoba kubonakala ukuthi kuphephe kangcono kubo kwesoka lakhe kunalapho ababegobe khona amadlangala nonina.

Isimo sishuba kakhulu lapho sekutholakala uNkosana osengumdlwembe wasezitaladini zeTheku. OMaZondi noMpanza bayamqoqa kodwa kucace ukuthi umonakalo usungenhla kwamadolo. Useneso elibi elikhomba ukuthi likhona igqubu alibambile. Uhlala engunaza iculo elithile izinhlamvu zalo ezingezwakali futhi ezingaziwa muntu. Lokhu kuqondana nesimo nesikhathi lapho kubusa intsha

63

efundayo kanye nokuthiwa ifunda isikole ibe ingafundi. Iyona le ntsha ewumthetho.

Kunabashushisi nabehluleli abakhipha izigwebo ezedlula nemiphefumulo yokugaxwa kwabantu amathayi kungabi ndaba zalutho. NoNkosana ungena kulowo mshungu agcine eseshiya „ikubo‟. Ubasophondweni kuleli butho lentsha.

Selivuthiwe nehubo ahlale elingunaza. Lixoxa indaba equbula uhlevane. Indaba yempindiselo kubantu ababona bebulala uyise.

UMpanza uthola ucingo olumexwayisa ngokuthi kukhona okusina kumjeqeza.

Inkantolo isimbeke icala lathethwa watholakala enecala mayelana nokubulawa kukaDubazana. Ucingo luthi nesigwebo sokugaxwa isicathulo semoto sasesikhishiywe. UMpanza wehlelwa nayinkinga yokufa kwemoto ngalo lolo suku, into eyayingakaze imehlele. Ugibela amatekisi aye kuMaDlamini, afike amxoxele ukusuka nokuhlala ngodaba lokubulala uDubazana. Uma esephindela ekhaya esephethe nokokulungisa imoto uzithela phezu kwayo inkantolo yentsha ihuba lelo culo elisiphuzelisa unwele. Imbambe imqhube imyise esihlahleni sakwaNozililo eMphelandaba. Icala lishushiswa ngokushesha lenganyelwe umehluleli omkhulu uNkosana okunguye okhipha isigwebo esingumnqamlajuqu. Kuwo lowo mnyama kutheleka uMaZondi ehamba ngeveni kamfundisi namakholwa. Bazama behluleke ukuxolisela uMpanza esixukwini esesisho ukumudla simfele simshebe naye uMaZondi. Uyaphunyuka uMaZondi ngokucoshwa yimoto eyayizedlulela. Kusala kubanguyena umehluleli mathupha ogaxa uMpanza ithayi lemoto, maqede athelwe ngophetholi, okhelwe ashe angqongqe. UMaZondi owathi angacoshwa yimoto maqede wathubeleza wayohlaba umkhosi emaphoyiseni, wafika selidume ledlula namaphoyisa lawo.