• Tidak ada hasil yang ditemukan

71

athelwe ngamanzi uChule. Kanti kuzoqondana nokuthi uDaffo aboshelwe amathikithi ezibozi zezimoto zakhe ayengasawakhokheli. UChule umkhokhela imali yebheyili ejele maqede amphathise okwesicashalalana sakhe. Lokhu ukwenzela ukuthi uDaffo azibone eseshayekile ukuze amsebenzise kahle ezinhlosweni zakhe.

Nebala uChule wethembisa uDaffo itshe lemali, kuphela uma evuma ukuthi ambulalele uMirriam. Isu lithi uChule uzothatha uMirriam bayophola naye endaweni ekude. Kuyothi uma sebebuya lapho, bese enza sengathi imoto impantsha isondo.

Kuthi uma besayixakazisa bese kuvuka uDaffo nenkabi ayobe ehamba nayo uJamu.

Bamhlanganisele bambulale uMirriam. UChule bamthintathinte ukuze kube sengathi usinde naye ehlaselwa. Lo mgoga kaChule uyagwibika ugcine usubambe yena nezigelekeqe zakhe. Esidididini esisuka lapho, uChule upitshizwa yimoto ayeshaya sengathi uhlola okuthile ngaphansi kwayo afe. NoJamu imoto kaChule impitshiza imhlanganise nekaDaffo afe ujuqu. UDaffo osindayo kodwa abanjwe ezakwadalawane. Usinda kanjalo uMirriam agcine esebuyelene nesithandwa sakhe seminyaka uGenyeza baganane.

72

Le ndaba izinze edolobheni laseMgungundlovu endaweni yasePrestbury lapho okuhlala khona umfo ka-De Wet. UWellem De Wet uyiphoyisa lezomoya obuya asebenze abeyiphoyisa elifaka inyumfomu. Umsebenzi agqame ngawo owokususa abantu abahlala ezihlalweni okungeyizo ezabo njengoba zehluswe ngobuhlanga nje.

Abantu abamnyama abalanyelwa behleli ezihlalweni zabantu baseYurophu ubasusa ngesankahlu abafune ipasi nesipesheli maqede baboshwe kube njeyaya. UDe Wet waziwa idolobha lonke laseMgungundlovu futhi uyesatshwa ngenxa yesandla sakhe esiqinile ekuphoqeleleni ukugcinwa kwalo mthetho. Yikho ukwenza lo msebenzi wakhe okumhlanganisa noThandekile Mhlophe iphofukazi eliyiBantu female, uWellem azithela kulo lihleli lingazi nanyaka ezihlalweni zabaseYurophu.

UThandekile ukhombisa ukungazi nokuthi lidumephi noma uWellem esemkhankatha emdlakadla esho ukumudla amfele.

Ithonya likaThandekile liyamehlisa uWellem bagcine sebexoxa ngokuzwana.

Ukuzwana okugcina ngokuthi uThandekile azicelele umsebenzi–aqashwe.

Ukuqashwa kukaThandekile kususa uchungechunge lwezigameko eziveza ukucwaswa kwabebala elimnyama becwaswa ngamabhunu. Ukuze uThandekile aqashwe ngokuqondile kumele abenesipesheli. Lesi sipesheli kumele asithole kwaMbilakhahlela. Umuntu oyisixazululo kwaMbilakhahlela kuba uNogwaja Ndebele ongumabhalane obhalwe ukugajwa uphuzo oludakanayo ebusweni. Bazama ukumgola uNogwaja kodwa ahluleke.

Kuvela ukuthi uThandekile usemkhankasweni wokuzithuthukisa ngokufunda ngeposi eyunivesithi. Uyethuka uWellem ngenkathi elamela lokhu, ikakhulu ngoba yena ugcine ebangeni lesishagalombili. Kodwa uziqinisa idolo ngokuthi yize egcine kuleli banga ungcono ngoba yena ufunde imfundo yabelungu. UThandekile ulwa nokumguqula uWellem. Umtshela ngobumqoka bokufunda. Kufika isoka likaThandekile asandakuliqoma alixosha kabi uWellem. Ekuhambeni kwezinsuku ekuxoxeni kwabo bagcina bavumelane ngokuthi noWellem uzozama ukuqhukuza afunde naye. UWellem lokhu kufunda ukubona kuyindlela enhle yokudoba

73

uThandekile ukuze akwazi ukumguqulela ophikweni lwamaphoyisa ezomoya abeyimpimpi. Kodwa ngenkathi uWellem ethi uzama ukudoba uThandekile, uya ngokuya elugwinya udobo lukaThandekile ogadla ephindelela emfaka umoya ophambene nemfundiso yabamhlophe abacwasayo. Uya ngokuya eguquka uWellem.

Ukuguquka kubonakala nangendlela awenza ngayo nomsebenzi wokuqondisa izigwegwe kulabo abahlala ezihlalweni zabaseYurophu.

UNogwaja ugcina egolekile ekwakheni isu lokuthi uThandekile athole isipesheli.

Udobo lukaWellem kuba yiwo lawo manzi angaconsi phansi kumfo kaNdebele.

Aqashwe ngokuphelele-ke uThandekile. Kuwo lowo mnyama uya ngokuya eqhela uNina Nel ingoduso emqondweni kaWellem. Kuthi kanti usuku lomshado beselukhonjwa eduze, uWellem abike imbiba, abike ibuzi aluhlehlise. Kuwo lowo mnyama uWellem udalula isifuba sakhe kuThandekile. UWellem utshela uThandekile ukuthi kade elokhu emcathamela ngonoxhaka ocupha labo abanomoya wobuphekula. Ubeze amcabangele ngisho ukumbulala imbala. Ngesikhathi ludlanga uthando lukaThandekile, zima lukeke izinto ngasemsebenzini kuWellem. Ufikelwa isiqhoqho samaphoyisa ezomoya aholwa nguLefthenenti Kheneli Piet Graves. La madoda amsola ngokuthi akasawuthandi umsebenzi wakhe. Ayakuveza ukuthi selokhu kufike uThandekile kwaguquka ukwenza esethenjweni sawo esinguWellem.

Abantu akade ebabopha usehlekisana nabo. Namaphoyisa amnyama asemphulula ikhanda emsebenzini. Bamshiya edideke waphela uThandekile emva kokuba bemxhawule bathi bayezwa nokuthi bayathandana noWellem. Kwandlwana yakhe uThandekile bayishiya beyipekequle yamabheketwane. Kuphithene imiqondo eshayisanayo kuWellem ngoba kuwo lowo mnyama uyeshela lapha kuThandekile, amuzwa esemkhonze lokhu okuxakayo. Kuyanda ukubizelwa emahhovisi phakathi kwamabili kuWellem. Akukuningi okuxoxwayo. Uyahlohlolozwa agxishwe intola emadolweni ngecala okuthiwa elokuthandana noThandekile. NoThandekile naye uthola izingcingo ezimfaka itwetwe. Kulokhu kuhlohlolozwa kwakhe uWellem useze ubona noMavuthela Shisani ishoshozela elaziwayo kwezombusazwe emphakathini omnyama. Kuvela ukuthi uMavuthela lona uyishaya emuva ayishaye phambili.

Uyasebenzisana nombutho wezomoya. Kuye kubesengathi uyaboshwa kanti

74

kwenziwa isu lokuthi athole ithuba lokubholokoqa zonke izimfihlo. Bamgwexa ngendaba yokuthandana kwakhe noThandekile baze bambeke isandla uWellem.

UWellem unikwa isheke lamarandi ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha ukuze alinikeze uThandekile. Lingelokumdonsela ebumpimpini. Bacebisana ukuthi kuhle uThandekile angelemukeli leli sheke, libuyiselwe emuva. Kuqhubekela phambili ukubanyamanambana kukaWellem emva kokwehluleka ukuguqula uThandekile. Indaba ize ingenwe nawuyise uFrederick osembona njengehlazo nehlaya umfana wakhe.

UHurter useze ununusela uWellem ngoJudy oyikhaladi eliyindodakazi kaHurt owayeyiphoyisa lezomoya eselashona. UHurt umbona uJudy engcono ngokobuhlanga kunoThandekile. Usho nokusho ukuthi uJudy engaguqulwa kalula abengomhlophe. UThandekile yena uthelekelwa yizesheli ezibangisana ngaye ubuthaphuthaphu. Osewumngani wabo omkhulu uNogwaja utheleka kwaWellem eshaywe washiywa umndondo. Uyakwazi nokho ukubaxoxela oWellem noThandekile ukuthi ushaywe obani maqede ashone besamphuthumisa esibhedlela.

Ukufa kukaNogwaja kubadalela inkanankana yenkinga oWellem. Abaseshi babafuna phansi phezulu ebasola ngokuthinteka ekubulaweni kukaNogwaja. Uyavalelwa uThandekile, kubulawe nengcanga kaWellem.

Kuyaqhubeka „ukuboshwa‟ kukaMavuthela Shisani. Lo Mavuthela usenovalo lokuthi uWellem angancetheza ngaye koThandekile. OMavuthela noHurter bazama ngawo wonke amandla abo ukukhwezela umlilo wothando phakathi kukaJudy noWellem. Kuze kube khonyana okuyinhlansana eyakhekayo kodwa egcina ingabanga umlilo wothando oshisa izikhotha. Abazali bakaWellem bafika mathupha ePrestbury bezozama ukudwengula inkungu ekhuhle emqondeni wendodana yabo.

Kubanzima nakubo uqobo ukuguqula undodana. Indaba iqhubekela phambili ngokuthi bamphoqe ukuthi uWellem ashade ngokushesha noNina Nel ingoduso yakhe. Nangempela ziyawushaya kube kuhle kudele. Iyaguqulwa nemithetho eshayelwa uThandekile laphaya kwaDe Wet, kuhle kumcacele ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi. Uqala phansi ngokuzimisela ekubopheni abantu abephula

75

imithetho yobandlululo uWellem. Nokho akuthathi sikhathi lubonakale uqhekeko phakathi kwalaba bashadikazi bakwaDe Wet. UNina akayingeni indaba yokugqolozela izincwadi lena ayifice yenziwa lapha ekhaya. Kuyanda futhi nokuhamba kukaWellem ebusuku, athi kusuke kuwukuyocuthela amaphekula.

Kulowo mnyama uyakhulelwa uThandekile maqede anikwe ilivu ende yezinyanga eziyisithupha ngoba uWellem engafuni ukuthi kugcaluze amakhomanisi emzini wakhe.

Indaba isiyonakala kakhulu ngokubanjwa kukaBruce Harris esoqotsheni lokwephula umthetho wokuthandana kwezinhlanga. Uboshwa uye kanye uWellem. Iyawuchitha umuthi inkonyane lapho uWellem esethula ubufakazi enkantolo. Uthi lapho ummeli uGreenwood emcindezela ngemibuzo ngokuthandana kwakhe noThandekile, avele avume. Kuba sengathi usephanjanelwa nayikhanda lapho esevuma nokuthi sebenezingane noThandekile. Kuvela nokuthi usamlobola uThandekile, elekelelwa umalume wakhe uSwanepoel. Kuba ukugqabuka kwegoda phakathi kukaWellem kanye noNina.

Uyise kaWellem ehlangene neziqethevu ezingoHurter bazama ngayo yonke indlela yokuqondisa izigwegwe kuWellem kubenhlanga zimuka nomoya. Esikhundleni sokuba azuzekele ngakubo uWellem, ukhuluma kome geqe kugcine sekuzuzeka uMeja Malherbe. Ubayinto esilahlwe yizwe uWellem. Lokhu kumholela ukuthi agcine esenesibindi sokuqhuba uthando lwakhe noThandekile obala. Kulowo mnyama kusuka isidumo sokuboshwa kukaNina Nel unkosikazi kaWellem ngokuthandana kwakhe noJean-Claude Aramis. UMnu. Aramis lona kuvunjululwa ukuthi akamhlophe njengoba uNina kanye nezwe lonke belicabanga. Kuba umzukuzuku kuboniswa uNina ngaleli cala, kujike kufane nokuthela amanzi abandayo emhlane wedada.

UMan UHurter uvelelwa izigigaba ezishaqisayo. Ubanjwa uWellem ezithokozisa

„nesithembu‟ sakhe. Umbhadama okokuqala eseHluhluwe noMarilyn. Aphinde ambhadame ehhotela eBallito enoMavuthela. Lokhu kumnikeza inkululeko

76

namaphiko okundizela phezulu othandweni lwakhe noThandekile uWellem. Indaba isongeka lapho uWellem noThandekile, uHurter noMavuthela kanye noNina noJean- Claude bewelela eGeneva, becasha ngokuthi bayoqhuba umzabalazo wokuhogela amaphekula avukela umbuso wamabhunu kanti bayaqembuka. Lokhu sekutholakala selisukile ibhanoyi labo. Bashiya nezithombe eziveza uGraves egcweleza isiboshwa sesifazane esimnyama. NoJudy kuvela ukuthi uzalwa nguMavuthela noMan Hurter, hhayi uMarilyn njengoba wayazi. Usudilikile umbuso wobandlululo, eMgungundlovu sekuxetshulwa imibhalo yokugcina yobandlululo.